NgokukaMathewu 18:15-35

NgokukaMathewu 18:15-35 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

“Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa naye. Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu. Kodwa uma engakuzwa, thatha futhi abe munye noma bebabili kanye nawe ukuba onke amazwi aqiniswe ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu. Uma enqaba ukubezwa, tshela ibandla; uma enqaba ukuzwa nalo ibandla, makabe kuwe njengowezizwe nomthelisi. “Ngiqinisile ngithi kini: Konke eniyakukubopha emhlabeni koba kuboshiwe ezulwini, nakho konke eniyakukukhulula emhlabeni koba kukhululiwe ezulwini. “Futhi ngiqinisile ngithi kini: Uma ababili kini emhlabeni bevumelana noma ngaluphi udaba abalucelayo, bayakulwenzelwa nguBaba osezulwini. Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.” Khona kwasondela uPetru, wathi kuye: “Nkosi, umfowethu uyakungona kangaki, ngimthethelela, na? Kuze kube kasikhombisa na?” UJesu wathi kuye: “Angisho kuwe ukuthi kuze kube kasikhombisa kodwa kuze kube kamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa. “Ngalokho umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi obethanda ukubalisana nezinceku zakhe. Kwathi eseqale ukubala, kwalethwa kuye enye enecala lamatalenta* ayizinkulungwane eziyishumi. Kepha ingenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngayo, nangomkayo, nangabantabayo, nangakho konke enakho, kukhokhwe. Ngalokho inceku yawa phansi, yakhuleka kuyo, yathi: ‘Ake ungibekezelele, ngizakukukhokhela konke.’ Inkosi yaleyo nceku inesihe yayikhulula, yayithethelela icala. “Kepha kwathi isiphuma leyo nceku, yafumana enye yezinceku ezikanye nayo enecala kuyo lawodenariyu* abayikhulu, yayibamba, yayiklinya, yathi: ‘Khokha icala lakho.’ “Khona inceku ekanye nayo yawa phansi, yayincenga yathi: ‘Ake ungibekezelele, ngizakukukhokhela.’ Kepha ayivumanga, kodwa yahamba, yayifaka etilongweni, ize ilikhokhe lelo cala. “Izinceku ezikanye nayo zathi ukubona okwenzekileyo, zadabuka kakhulu, zaya zabika enkosini yazo konke okwenzekileyo. Khona inkosi yayo yayibiza, yathi kuyo: ‘Nceku embi, lonke lelo cala ngikuthethelele lona ngokuba wangincenga; nga ungayihawukelanga yini inceku ekanye nawe, njengokuba nami ngikuhawukele, na?’ Inkosi yayo yathukuthela, yayinikela kubaphathi betilongo, ize ikhokhe lonke icala layo. “Kanjalo naye uBaba osezulwini uyakwenza kini, uma ningathetheleli ngezinhliziyo zenu kube yilowo nalowo umfowabo.”

NgokukaMathewu 18:15-35 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Futhi uma umfowenu ona kuwe, hamba umsole ninodwa naye; uma ekuzwa, umzuzile umfowenu. Kodwa uma engakulaleli, thatha kanye nawe oyedwa noma ababili, ukuze ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu wonke amazwi aqiniswe. Uma engasezwa, tshela ibandla; Ngiqinisile ngithi kini: Konke eniyakukubopha emhlabeni koba kuboshiwe ezulwini, nakho konke eniyakukukhulula emhlabeni koba kukhululiwe nasezulwini. Futhi ngithi kini: Uma ababili kini emhlabeni bevumelana nganoma yini abangayicela, bayakuyenzelwa nguBaba osezulwini. Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo. UPetro wasesondela kuye wathi: Nkosi, umfowethu uzangona kangaki, ngimthethelela? kuze kube kasikhombisa na? UJesu wathi kuye: “Angisho kuwe ukuthi kuze kube kasikhombisa, kodwa kuze kube kamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa. Ngakho umbuso wezulu ufaniswa nenkosi eyayifuna ukubalelana nezinceku zayo. Kwathi eqala ukulandisa, kwalethwa kuye enye eyayinecala lamatalenta ayizinkulungwane eziyishumi. Kodwa njengoba ingenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngaye, nomkayo, nabantwana, nakho konke anakho, kukhokhwe. Inceku yawa phansi, yakhuleka kuyo, yathi: ‘Nkosi, ungibekezelele, ngizokukhokhela konke. Inkosi yaleyonceku yayisihawukela, yayikhulula, yayithethelela icala. Kodwa leyonceku yasiphuma, yafica enye inceku kanye layo eyayimkweleda wabodenariyo abalikhulu, yambamba, yayikhama, yathi: Ngikhokhele okukweletayo. Inceku kanye nayo yawa phansi ezinyaweni zayo, yayincenga, yathi: ‘Ake ungibekezelele, ngizokukhokhela konke. Kodwa kayivumanga, kodwa yasuka yamfaka etilongweni, ize ikhokhe isikwelede. Kwathi izinceku ezikanye nayo zibona okwenzekileyo, zadabuka kakhulu, zeza zabikela inkosi yazo konke okwenzekileyo. Inkosi yayo yayisiyibiza, yathi kuyo: ‘Nceku embi, nganithethelela sonke leso sikweletu, ngokuba wangicela; Bekungafanele yini nawe ube nesihawu ngenceku kanye nawe, njengalokho nami ngakuhawukela na? Inkosi yayo yathukuthela, yamnikela kubahlukumezi, ize ikhokhe konke eyayikukweleta. Kanjalo noBaba osezulwini uyakwenza kini, uma ningathetheleli yilowo nalowo umfowabo iziphambeko zakhe ngezinhliziyo zenu.

NgokukaMathewu 18:15-35 IsiZulu 2020 (ZUL20)

“Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa. Uma ekulalele, uyobe umzuzile. Kepha uma engakulaleli, thatha abe munye noma babe babili, ukuze konke okuzodingidwa kuqiniswe ngomlomo wofakazi ababili noma abathathu. Uma enqaba ukubezwa, tshela ibandla; uma engafuni ukulalela ngisho nalo ibandla, makabe njengowezizwe nomthelisi kuwe. “Ngiqinisile ngithi kini: noma yikuphi eniyakukubopha emhlabeni, kuyobe kuboshiwe ezulwini; nanoma yikuphi eniyakukukhulula emhlabeni, kuyobe kukhululiwe ezulwini. “Ngiqinisile futhi ngithi kini: uma ababili kini emhlabeni bevumelana noma ngaluphi udaba abalucelayo, bayakwenzelwa nguBaba osezulwini. “Ngokuba lapho kuhlangene khona ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.” Kwase kusondela uPhethro, wathi kuye: “Nkosi, umfowethu uyakungona kuze kube kangaki ngilokhu ngimthethelela na? Kuze kube kasikhombisa na?” UJesu wathi kuye: “Angisho kuwe ukuthi kuze kube kasikhombisa, kodwa kuze kube kama-70 aphindwe kasikhombisa. “Ngakho-ke umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi, obethanda ukubala akukweletwa yizinceku zakhe. Kwathi eseqalile ukubala, kwalethwa kuye omunye owayekweleta amathalenta ayizi-10 000. Kepha engenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngaye, ngomkakhe, nabantwana bakhe nangakho konke ayenakho, ukuze kukhokhwe isikweletu. Ngakho-ke inceku yawa phansi, yakhuleka kuyo, yathi: ‘Ake ungibekezelele, ngizakukukhokhela konke.’ Inkosi yaleyo nceku inesihe, yayikhulula, yayithethelela icala. “Kepha kwathi iphuma nje leyo nceku, yahlangana nenye yezinceku ezikanye nayo eyayiyikweleta odenariyu abayikhulu, yayibamba, yayiklinya, ithi: ‘Khokha lokho ongikweleta khona.’ “Nokho inceku ekanye nayo yawa phansi, yayincenga yathi: ‘Ake ungibekezelele, ngizakukukhokhela.’ Kepha ayivumanga, kunalokho yahamba yayifaka ejele, ize isikhokhe sonke isikweletu sayo. “Izinceku ezikanye nayo zathi ukuba zikubone okwenzekileyo, zadabuka kakhulu, zahamba zayobika enkosini yazo konke okwenzekileyo. Inkosi yayo yayibiza, yathi kuyo: ‘Nceku embi, ngikuthethelele isikweletu sakho ngokuba ungincengile. Pho kungani wena ungayihawukelanga inceku efana nawe, njengalokhu nami ngikuhawukele na?’ Inkosi yayo yathukuthela, yayinikela kubaphathi bejele, ize isikhokhe isikweletu sayo. “Kanjalo-ke noBaba osezulwini uyakwenza lokho kini, uma ningathetheleli ngezinhliziyo zenu kube yilowo nalowo umfowabo.”

NgokukaMathewu 18:15-35 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)