NgokukaMathewu 18:15-20
NgokukaMathewu 18:15-20 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Futhi uma umfowenu ona kuwe, hamba umsole ninodwa naye; uma ekuzwa, umzuzile umfowenu. Kodwa uma engakulaleli, thatha kanye nawe oyedwa noma ababili, ukuze ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu wonke amazwi aqiniswe. Uma engasezwa, tshela ibandla; Ngiqinisile ngithi kini: Konke eniyakukubopha emhlabeni koba kuboshiwe ezulwini, nakho konke eniyakukukhulula emhlabeni koba kukhululiwe nasezulwini. Futhi ngithi kini: Uma ababili kini emhlabeni bevumelana nganoma yini abangayicela, bayakuyenzelwa nguBaba osezulwini. Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.
NgokukaMathewu 18:15-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa. Uma ekulalele, uyobe umzuzile. Kepha uma engakulaleli, thatha abe munye noma babe babili, ukuze konke okuzodingidwa kuqiniswe ngomlomo wofakazi ababili noma abathathu. Uma enqaba ukubezwa, tshela ibandla; uma engafuni ukulalela ngisho nalo ibandla, makabe njengowezizwe nomthelisi kuwe. “Ngiqinisile ngithi kini: noma yikuphi eniyakukubopha emhlabeni, kuyobe kuboshiwe ezulwini; nanoma yikuphi eniyakukukhulula emhlabeni, kuyobe kukhululiwe ezulwini. “Ngiqinisile futhi ngithi kini: uma ababili kini emhlabeni bevumelana noma ngaluphi udaba abalucelayo, bayakwenzelwa nguBaba osezulwini. “Ngokuba lapho kuhlangene khona ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.”
NgokukaMathewu 18:15-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa naye. Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu. Kodwa uma engakuzwa, thatha futhi abe munye noma bebabili kanye nawe ukuba onke amazwi aqiniswe ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu. Uma enqaba ukubezwa, tshela ibandla; uma enqaba ukuzwa nalo ibandla, makabe kuwe njengowezizwe nomthelisi. “Ngiqinisile ngithi kini: Konke eniyakukubopha emhlabeni koba kuboshiwe ezulwini, nakho konke eniyakukukhulula emhlabeni koba kukhululiwe ezulwini. “Futhi ngiqinisile ngithi kini: Uma ababili kini emhlabeni bevumelana noma ngaluphi udaba abalucelayo, bayakulwenzelwa nguBaba osezulwini. Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.”
NgokukaMathewu 18:15-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)