NgokukaMathewu 18:12-14
NgokukaMathewu 18:12-14 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Nicabangani? Uma umuntu enezimvu eziyikhulu, kuduke enye kuzo, akazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye, aye ezintabeni, afune edukileyo? Uma eyithola, ngiqinisile ngithi kini: Uthokoza ngayo kakhulu kunangezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezingadukanga. Kanjalo akusiyo intando kaYihlo osezulwini ukuba kubhubhe noyedwa kulaba abancinyane.
NgokukaMathewu 18:12-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Nicabangani ngalokhu na? Uma umuntu enezimvu eziyikhulu, bese kuduka eyodwa kuzo, akayukuzishiya yini ezingama-99 ezintabeni, ahambe ayofuna edukileyo na? Kuthi lapho eyithola, ngiqinisile ngithi kini, uthokoza kakhulu ngayo kunangalezi ezingama-99 ebezingadukile. Kanjalo-ke, akusiyo intando kaYihlo osezulwini ukuba kubhubhe noyedwa kulaba abancinyane.
NgokukaMathewu 18:12-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Nithini na? Uma umuntu enezimvu eziyikhulu, kuduke enye kuzo, akazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezintabeni, ahambe ayofuna edukileyo, na? Athi uma eyithola, ngiqinisile ngithi kini, uthokoza ngayo kakhulu kunangezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezingadukanga. Kanjalo akusiyo intando kaYihlo osezulwini ukuba kubhubhe noyedwa kulaba abancinyane.
NgokukaMathewu 18:12-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)