NgokukaMathewu 16:21-23
NgokukaMathewu 16:21-23 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kusukela ngaleso sikhathi uJesu waqala ukubonisa abafundi bakhe ukuthi umelwe ukuya eJerusalema, ahlushwe ngokuningi ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, abulawe, avuswe ngosuku lwesithathu. UPetru wayesemthatha, waqala ukumkhuza, ethi: “Makube kude nawe, Nkosi; Kodwa yena waphenduka wathi kuPetro: Suka emva kwami, Sathane
NgokukaMathewu 16:21-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kusukela lapho, uJesu waqala ukubachazela abafundi bakhe ukuthi kufanele aye eJerusalema, ahlushwe ngokuningi ngamalunga, nabaphristi abakhulu nezazimthetho, abulawe, kepha avuswe ngosuku lwesithathu. UPhethro wagudluka naye, wayeseqala ukumkhuza, ethi: “Phinde, Nkosi, lokho akusoze kwenzeke kuwe.” Kepha uJesu waphenduka wathi kuPhethro: “Buyela emuva kwami, Sathane; uyisikhubekiso kimi, ngokuba awukuqondi okukaNkulunkulu, kepha okwabantu.”
NgokukaMathewu 16:21-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukubonisa abafundi bakhe ukuba umelwe ukuya eJerusalema, ahlushwe ngokuningi ngamalunga nangabapristi abakhulu nababhali, abulawe, kepha avuswe ngosuku lwesithathu. UPetru wayesemthatha, waqala ukumkhuza, wathi: “Musa, Nkosi, lokho akusoze kwenziwa kuwe.” Yena waphenduka, wathi kuPetru: “Buyela emva kwami, Sathane; uyisikhubekiso kimi, ngokuba awuqondi okukaNkulunkulu kepha okwabantu.”
NgokukaMathewu 16:21-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)