NgokukaMathewu 16:1-20

NgokukaMathewu 16:1-20 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kwafika abaFarisi nabaSadusi, bamlinga bamcela ukuba ababonise isibonakaliso esivela ezulwini. Waphendula wathi kubo: Kusihlwa nithi: Izulu lizokuba sihle, ngokuba izulu libomvu; Futhi ekuseni nithi: ‘Namuhla izulu lizoba mnyama, ngokuba izulu libomvu, lisibekele. Bazenzisi, niyakwazi ukubona ubuso bezulu; kepha aniziqondi izibonakaliso zezikhathi na? Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso; futhi kasiyikunikwa sibonakaliso, ngaphandle kwesibonakaliso sikaJona umprofethi. Wabashiya, wahamba. Kwathi abafundi bakhe sebewelela ngaphesheya, babekhohliwe ukuphatha izinkwa. UJesu wasesithi kubo: Qaphelani liqaphele imvubelo yabaFarisi labaSadusi. Basebekhulumisana bodwa, besithi: Kungoba singaphathanga izinkwa. Ekwazi uJesu wathi kubo: “O nina eninokukholwa okuncane, nikhulumelani phakathi kwenu ngokuthi ningaphathanga izinkwa na? Anikaqondi yini, futhi anikazikhumbuli izinkwa eziyisihlanu zezinkulungwane ezinhlanu nokuthi bangaki obhasikidi enabutha? Nezinkwa eziyisikhombisa zezinkulungwane ezine nokuthi nabutha oqoma abangaki na? Aniqondi kanjani ukuthi angikhulumanga kini ngesinkwa ukuthi nixwaye imvubelo yabaFarisi nabaSadusi na? Base beqonda ukuthi wayengashongo ukuthi baxwaye imvubelo yesinkwa kodwa isifundiso sabaFarisi nabaSadusi. Kwathi uJesu esefikile emikhawulweni yeKesariya yeFiliphi, wabuza abafundi bakhe, wathi: Abantu bathi mina iNdodana yomuntu ngingubani? Basebesithi: Abanye bathi unguJohane uMbhabhathizi; labanye bathi nguJeremiya kumbe omunye wabaprofethi. Wathi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani na? USimoni Petru waphendula wathi: “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo. UJesu waphendula wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu, kodwa uBaba osezulwini. Nami ngithi kuwe: Wena unguPetru, phezu kwalelidwala ngiyakulakha ibandla lami; futhi amasango esihogo ngeke alinqobe. Ngizakunika izihluthulelo zombuso wezulu, njalo loba yini ozayibopha emhlabeni izakuba kubotshiwe ezulwini, njalo loba yini ozayikhulula emhlabeni izakuba yinto ethukululiwe ezulwini. Wasebalaya abafundi bakhe ukuthi bangatsheli muntu ukuthi yena unguJesu uKristu.

NgokukaMathewu 16:1-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)

AbaFarisi nabaSadusi beza kuJesu bemlinga, bacela ukuba abakhombise isibonakaliso esivela ezulwini. Kepha waphendula, wathi kubo: “Nxa sekuhlwile nithi: ‘Liyobe lisile, lokhu izulu libhejile;’ kuthi kusasa nithi: ‘Namuhla lizakuphendula, ngokuba libhejile, liguqubele.’ Niyakwazi ukuchaza isimo sezulu, kepha yini ningakwazi ukubona izibonakaliso zezikhathi na? Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso, kepha asiyukunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona, umphrofethi.” Wayesebashiya, wahamba. Kuthe sebefike ngaphesheya, kwahlaluka ukuthi abafundi bakhe bakhohliwe ukuphatha izinkwa. UJesu wayesethi kubo: “Qaphelani, nixwaye imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.” Baqagulisana bodwa, bathi: “Kungokuba singaziphathanga izinkwa.” Kepha uJesu ekwazi abakucabangayo, wathi: “Niqagulisana nithini phakathi kwenu, nina bokukholwa okuncane, nithi yingokuba ningenazinkwa na? Anikaqondi yini, futhi anizikhumbuli izinkwa eziyisihlanu ezondla izi-5 000 nokuthi nabutha iziqabetho ezingaki na? Nezinkwa eziyisikhombisa ezondla izi-4 000 nokuthi nabutha iziqabetho ezingaki na? Aniqondi ngani ukuthi bengingakhulumi kini ngesinkwa na? Kepha xwayani imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.” Base beqonda ukuthi akashongo ukuba baxwaye imvubelo yezinkwa, kepha imfundiso yabaFarisi nabaSadusi. UJesu esefikile esifundeni saseKhesariya Filiphi wababuza abafundi bakhe, wathi: “Abantu bathi iNdodana yomuntu ingubani na?” Bathi: “Abanye bathi inguJohane, uMbhabhadisi; abanye bathi ingu-Eliya; abanye bathi inguJeremiya noma ingomunye wabaphrofethi.” Wayesethi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani na?” USimoni Phethro waphendula wathi: “Wena unguKhristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.” UJesu waphendula, wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu, kodwa uBaba osezulwini. Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPhethro; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese awayukulahlula. Ngiyakukunika izihluthulelo zombuso wezulu. Oyakukubopha emhlabeni, kuyakube kuboshiwe nasezulwini; nalokho oyakukukhulula emhlabeni kuyakube kukhululiwe nasezulwini.” Wayesebayala abafundi ukuba bangatsheli muntu ukuthi unguKhristu.

NgokukaMathewu 16:1-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

AbaFarisi nabaSadusi beza bemlinga bacela kuye ukuba ababonise isibonakaliso esivela ezulwini. Kepha waphendula, wathi kubo: “Kusihlwa nithi: ‘Loba lisile, lokhu izulu libhejile;’ kuthi kusasa nithi: ‘Namuhla lizakuphendula, ngokuba libhejile, liguqubele.’ Kanti ukuma kwezulu niyakwazi ukukuchaza, kepha izibonakaliso zezikhathi aniziqondi na? Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso, kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona umprofethi.” Wabashiya, wamuka. Sebefike phesheya, abafundi bakhe babekhohliwe ukuphatha izinkwa. UJesu wayesethi kubo: “Anobheka nixwaye imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.” Baphendulana bodwa, bathi: “Kungokuba singaphathanga izinkwa.” Kepha ekwazi lokho uJesu wathi: “Nina bokukholwa okuncane, yini ukuba niphendulane nodwa ngokuthi kungokuba ningenazinkwa na? Anikaqondi yini, futhi anizikhumbuli izinkwa eziyisihlanu zezinkulungwane eziyisihlanu nokuthi nabutha iziqabetho ezingaki na? Nezinkwa eziyisikhombisa zezinkulungwane ezine nokuthi nabutha amaqoma amangaki na? Aniqondi ngani ukuthi bengingakhulumi kini ngesinkwa na? Kepha xwayani imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.” Khona baqonda ukuthi kashongo ukuba baxwaye imvubelo yezinkwa kepha isifundiso sabaFarisi nabaSadusi. UJesu esefikile emaphandleni aseKesariya Filipi wababuza abafundi bakhe, wathi: “Abantu basho ukuthi iNdodana yomuntu ingubani na?” Bathi: “Abanye basho uJohane uMbhapathizi; abanye basho u-Eliya; abanye basho uJeremiya noma omunye wabaprofethi.” Wathi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani na?” USimoni Petru waphendula wathi: “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.” UJesu waphendula, wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu kodwa uBaba osezulwini. Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPetru; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese* awayikulahlula. Ngiyakukunika izihluthulelo zombuso wezulu. Oyakukubopha emhlabeni koba kuboshiwe nasezulwini, nalokho oyakukukhulula emhlabeni koba kukhululiwe nasezulwini.” Khona wabayala abafundi ukuba bangatsheli muntu ukuthi nguye onguKristu.

NgokukaMathewu 16:1-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)