NgokukaMathewu 12:38-41
NgokukaMathewu 12:38-41 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Base bephendula abanye bababhali nabaFarisi, bathi: Mfundisi, sithanda ukubona isibonakaliso esivela kuwe. Kodwa waphendula wathi kubo: Isizukulwana esibi lesiphingayo sifuna isibonakaliso; futhi kasiyikunikwa sibonakaliso, ngaphandle kwesibonakaliso sikaJona umprofethi. Ngokuba njengalokho uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu; kanjalo iNdodana yomuntu iyakuba senhliziyweni yomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu. Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle, ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, lapha kukhona omkhulu kunoJona.
NgokukaMathewu 12:38-41 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwase kuphendula abathile kuzazimthetho nakubaFarisi, bathi: “Mfundisi, sithanda ukuba usikhombise isibonakaliso esenziwa nguwe.” Kepha waphendula, wathi kubo: “Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso, kodwa asiyukunikwa sibonakaliso, kuphela leso sikaJona, umphrofethi. Njengalokhu uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba semathunjini omhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu. Amadoda aseNineve ayakuma kanye nalesi sizukulwane ekwahlulelweni, asilahle ngecala, ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona. Lapha kukhona okukhulu kunoJona.
NgokukaMathewu 12:38-41 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwase kuphendula abathile kubabhali nabaFarisi, bathi: “Mfundisi, sithanda ukubona isibonakaliso esenziwa nguwe.” Kepha waphendula, wathi kubo: “Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso; kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona umprofethi. Ngokuba njengalokho uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba sebuthunjini bomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu. Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle; ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, kukhona lapha okukhulu kunoJona.
NgokukaMathewu 12:38-41 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)