Kwase kuphendula abathile kuzazimthetho nakubaFarisi, bathi: “Mfundisi, sithanda ukuba usikhombise isibonakaliso esenziwa nguwe.” Kepha waphendula, wathi kubo: “Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso, kodwa asiyukunikwa sibonakaliso, kuphela leso sikaJona, umphrofethi. Njengalokhu uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba semathunjini omhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu. Amadoda aseNineve ayakuma kanye nalesi sizukulwane ekwahlulelweni, asilahle ngecala, ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona. Lapha kukhona okukhulu kunoJona.
Funda NgokukaMathewu 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 12:38-41
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo