NgokukaMathewu 10:28-31
NgokukaMathewu 10:28-31 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ningabesabi ababulala umzimba, bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni. Akuthengwa yini imizwilili emibili ngendibilishi na? futhi ayisoze yawela phansi enye yazo ngaphandle kukaYihlo. Kodwa nezinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke. Ngakho-ke ningesabi; nina nidlula imizwilili eminingi.
NgokukaMathewu 10:28-31 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa umphefumulo nomzimba esihogweni. Akuthengiswa yini imizwilili emibili ngendibilishi na? Nokho akukho namunye oyakuwela phansi ngaphandle kwemvume kaYihlo. Kepha nani, zibaliwe zonke izinwele zekhanda lenu. Ngakho-ke maningesabi; nina niyayidlula imizwilili eminingi.
NgokukaMathewu 10:28-31 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni. Akuthengwa yini imizwilili emibili ngendibilishi na? Kepha akuyikuwa phansi namunye kuyo ngaphandle kukaYihlo. Kodwa kini zibaliwe nezinwele zonke zekhanda lenu. Ngakho maningesabi; nina niyayidlula imizwilili eminingi.
NgokukaMathewu 10:28-31 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)