NgokukaMathewu 10:1-15

NgokukaMathewu 10:1-15 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Wabizela kuye abafundi bakhe abayishumi nambili, wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo, ukuba babakhiphe, nawokuphulukisa izifo zonke nezifo zonke. Amagama abaphostoli abayishumi nambili yilawa; owokuqala nguSimoni othiwa uPetro, loAndreya umfowabo; uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo; uFiliphu, loBartolomewu; uTomase, noMathewu umthelisi; uJakobe ka-Alfewu, noLebewu othiwa futhi uThadewu; uSimoni umKhanani, noJudasi Iskariyothe owamkhaphelayo. Laba abayishumi nambili uJesu wabathuma, wabayala wathi: “Ningayi endleleni yabezizwe, ningangeni emzini wamaSamariya; Kodwa yanini kakhulu ezimvini ezilahlekileyo zendlu kaIsrayeli. Ekuhambeni kwenu shumayelani nithi: ‘Umbuso wezulu ususondele.’ Phulisani abagulayo, nihlambulule abanochoko, nivuse abafileyo, nikhiphe amademoni; Ningaphathi golide, nasiliva, nathusi emixhakeni yenu; nasikhwama sohambo, namabhantshi amabili, nazicathulo, naludondolo, ngokuba isisebenzi sifanele ukudla kwaso. “Nakumuphi umuzi noma umuzana eniyakungena kuwo, funani ofaneleyo kuwo; nihlale khona nize nimuke. Nxa ningena endlini, niyibingelele. Uma indlu ifanele, ukuthula kwenu makube phezu kwayo; kepha uma ingafanele, ukuthula kwenu makubuyele kini. Njalo loba ngubani ongayikunamukela engalaleli amazwi enu, nxa liphuma kuleyondlu kumbe kulowomuzi, thintithani uthuli lwenyawo zenu. Ngiqinisile ngithi kini: Kuyakuba ngcono kulo izwe laseSodoma nelaseGomora ngosuku lokwahlulelwa kunakulowo muzi.

NgokukaMathewu 10:1-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UJesu wayesebiza abafundi bakhe abali-12, wabanika igunya phezu komoya abangcolileyo, ukuze babakhiphe. Wabanika nelokuphulukisa izifo zonke nokugula konke. Nanka amagama abaphostoli abali-12: owokuqala nguSimoni okuthiwa nguPhethro, u-Andreya umfowabo, uJakobe noJohane umfowabo, amadodana kaZebedewu, uFiliphu, uBhartholomewu, uThomase, uMathewu umthelisi, uJakobe ka-Alifewu, uThadewu, uSimoni umKhanani, noJuda Iskariyothe, lo owakhaphela uJesu. Laba abali-12 wabathuma, wabayala wathi: “Ningayi kwabezizwe, ningangeni nasemzini wamaSamariya, kodwa yanini ezimvini ezilahlekileyo zendlu ka-Israyeli. Ekuhambeni kwenu shumayelani nithi: ‘Umbuso wezulu ususondele.’ Phulukisani abagulayo, nivuse abafileyo, nihlambulule abanochoko, nikhiphe amadimoni. Namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle. Ningaphathi golide, siliva, nathusi emixhakeni yenu. Ningaphathi kwasikhwama sokwethekela, nabhantshi lesibili, kwazicathulo, kwaludondolo, ngokuba isisebenzi kufanele sinikwe ukudla kwaso. “Nakunoma yimuphi umuzi noma umuzana eniyakungena kuwo, anocinga ofaneleyo, bese nihlala kuwo, nize nihambe kuleyo ndawo. Kuyothi lapho ningena kulelo khaya, nibingelele. Uma lelo khaya lifanele, ukuthula kwenu makube phezu kwalo, kodwa uma lingafanele, ukuthula kwenu makubuyele kini. Yilowo nalowo ongayukunamukela ezwe amazwi enu, anothi niphuma nje kulelo khaya noma kulowo muzi, nithintithe uthuli ezinyaweni zenu. Ngiqinisile ngithi kini: kuyakuba ngcono eSodoma naseGomora ngosuku lokwehlulelwa kunakulowo muzi.”

NgokukaMathewu 10:1-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Wayesebabiza abafundi bakhe abayishumi nambili, wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo ukuba babakhiphe, nawokuphulukisa izifo zonke nokugula konke. Amagama abaphostoli abayishumi nambili yilawa: owokuqala nguSimoni othiwa uPetru, no-Andreya umfowabo, noJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo, noFiliphu, noBartolomewu, noTomase, noMathewu umthelisi, noJakobe ka-Alfewu, noThadewu, noSimoni umKhanani, noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo. Laba abayishumi nambili uJesu wabathuma, wabayala wathi: “Ningayi ngendlela yabezizwe, ningangeni emzini wamaSamariya; kodwa yanini kakhulu ezimvini ezilahlekileyo zendlu ka-Israyeli. Ekuhambeni kwenu shumayelani nithi: ‘Umbuso wezulu ususondele.’ Phulukisani abagulayo, nivuse abafileyo, nihlambulule abanochoko, nikhiphe amademoni. Namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle. Ningaphathi golide, nasiliva, nathusi emixhakeni yenu, nasikhwama sendlela, namabhantshi amabili, nazicathulo, naludondolo, ngokuba isisebenzi sifanele ukudla kwaso. “Nakumuphi umuzi noma umuzana eniyakungena kuwo, cingani ofaneleyo kuwo, nihlale khona, nize nimuke. Ekungeneni kwenu endlini niyibingelele. Uma indlu ifanele, ukuthula kwenu makuze phezu kwayo; kodwa uma ingafanele, ukuthula kwenu makubuyele kini. Yilowo nalowo ongayikunamukela engawezwa amazwi enu, anothi niphuma kuleyo ndlu noma kulowo muzi, nivuthulule uthuli ezinyaweni zenu. Ngiqinisile ngithi kini: Kuyakuba ngcono ezweni laseSodoma nakwelaseGomora ngosuku lokwahlulelwa kunakulowo muzi.

NgokukaMathewu 10:1-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)