NgokukaMathewu 1:1-23

NgokukaMathewu 1:1-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Incwadi yokuzalwa kukaJesu Kristu, indodana kaDavide, indodana ka-Abrahama. U-Abrahama wazala u-Isaka, u-Isaka wazala uJakobe, uJakobe wazala uJuda nabafowabo; uJuda wazala oFaresi noZara kuTamari, uFaresi wazala u-Esiromu, u-Esiromu wazala u-Aramu; u-Aramu wazala u-Aminadaba, u-Aminadaba wazala uNasoni, uNasoni wazala uSalimoni; uSalimoni wazala uBowasi kuRahabi, uBowasi wazala u-Obede kuRuthe, u-Obede wazala uJesayi; uJesayi wazala uDavide, inkosi. UDavide wazala uSolomoni kumka-Uriya; uSolomoni wazala uRobowamu, uRobowamu wazala u-Abiya, u-Abiya wazala u-Asafa; u-Asafa wazala uJosafati, uJosafati wazala uJoramu, uJoramu wazala u-Oziya; u-Oziya wazala uJothamu, uJothamu wazala u-Akazi, u-Akazi wazala uHezekiya; uHezekiya wazala uManase, uManase wazala u-Amoni, u-Amoni wazala uJosiya; uJosiya wazala uJekoniya nabafowabo ngesikhathi sokuthunjelwa eBabiloni. Kwathi emva kokuthunjelwa eBabiloni uJekoniya wazala uSalatiyeli, uSalatiyeli wazala uZorobabeli; uZorobabeli wazala u-Abiyudi, u-Abiyudi wazala u-Eliyakimi, u-Eliyakimi wazala u-Azori; u-Azori wazala uSadoki, uSadoki wazala u-Akimi, u-Akimi wazala u-Eliyudi; u-Eliyudi wazala u-Eleyazare, u-Eleyazare wazala uMathani, uMathani wazala uJakobe; uJakobe wazala uJosefa, indoda kaMariya, azalwa nguye uJesu othiwa uKristu. Zinjalo-ke izizukulwane zonke ezisukela ku-Abrahama ziye kuDavide, ziyizizukulwane eziyishumi nane; nezisukela kuDavide ziye ekuthunjelweni eBabiloni ziyizizukulwane eziyishumi nane; nezisukela ekuthunjelweni eBabiloni ziye kuKristu ziyizizukulwane eziyishumi nane. Ukuzalwa kukaJesu Kristu kwaba nje: unina uMariya esemiselwe uJosefa, bengakahlangani wafunyanwa ekhulelwe ngoMoya oNgcwele. Kepha uJosefa indoda yakhe engumuntu olungileyo, engathandi ukumthela ihlazo, wayefuna ukumlahla ngasese. Esazindla ngalokho, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuye ngephupho, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya umkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungoMoya oNgcwele. Uzakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.” Lokhu konke kwenzeka ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi: “Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama lokuthi u-Emanuweli,” okungukuthi ngokuhunyushwa “uNkulunkulu unathi”.

NgokukaMathewu 1:1-23 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Incwadi yokuzalwa kukaJesu Kristu, indodana kaDavide, indodana ka-Abrahama. U-Abrahama wazala u-Isaka; u-Isaka wazala uJakobe; uJakobe wazala uJuda nabafowabo; UJuda wazala uFaresi noZara kuTamari; uFaresi wazala u-Esrom; u-Esrom wazala u-Aramu; U-Aramu wazala u-Aminadaba; u-Aminadaba wazala uNaason; uNahasoni wazala uSalimoni; uSalimoni wazala uBhowazi ngoRahabi; uBhowazi wazala u-Obede kuRuthe; u-Obede wazala uJese; UJese wazala uDavide inkosi; uDavide inkosi wazala uSolomoni ngumka-Uriya; USolomoni wazala uRehobowamu; uRehobowamu wazala uAbhiya; uAbhiya wazala uAsa; U-Asa wazala uJehoshafati; uJehoshafati wazala uJoramu; uJoramu wazala u-Oziya; U-Oziya wazala uJothamu; uJothamu wazala u-Ahazi; u-Ahazi wazala uHezekiya; uHezekiya wazala uManase; uManase wazala u-Amoni; u-Amoni wazala uJosiya; uJosiya wazala uJekoniya nabafowabo, ngesikhathi sokuthunjelwa kwabo eBhabhiloni. Emva kokuthunjelwa eBabele, uJekoniya wazala uSalatiyeli; uSalatiyeli wazala uZorubhabheli; USorobhabheli wazala u-Abiyudi; u-Abiyudi wazala u-Eliyakimi; u-Eliyakimi wazala u-Azore; u-Azore wazala uSadoki; uSadoki wazala uAkimi; u-Akimi wazala u-Eliyudi; u-Eliyudi wazala u-Eleyazare; u-Eleyazare wazala uMathani; uMathani wazala uJakobe; uJakobe wazala uJosefa indoda kaMariya, okwazalwa ngaye uJesu, othiwa uKristu. Zonke izizukulwane ezisukela ku-Abrahama ziye kuDavide ziyizizukulwane eziyishumi nane; nezisukela kuDavide kuze kube sekuthunjelweni eBabiloni ziyizizukulwane eziyishumi nane; futhi kusukela ekuthunjelweni eBhabhiloni kuze kufike kuKristu ziyizizukulwane eziyishumi nane. Ukuzalwa kukaJesu Kristu kwaba kanje: unina uMariya esemiselwe uJosefa, bengakahlangani wafunyanwa ekhulelwe ngoMoya oNgcwele. Khona uJosefa indoda yakhe, engumuntu olungileyo, engathandi ukumenza ihlazo, waqonda ukumala ngasese. Esacabanga ngalezi zinto, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuye ngephupho, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya umkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungokwasezulwini. uMoya oNgcwele. Uyakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo. Manje konke lokhu kwenzeka, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi: Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, bayiqambe igama lokuthi u-Emanuweli, okungukuthi ngokuhunyushwa, uNkulunkulu unathi.

NgokukaMathewu 1:1-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Nantu uhla lozalo okwavela kulo uJesu Khristu, indodana kaDavide, indodana ka-Abhrahama. U-Abhrahama wazala u-Isaka, u-Isaka wazala uJakobe, uJakobe wazala uJuda nabafowabo; uJuda wazala uFaresi noZara kuThamari; uFaresi wazala u-Esiromu, u-Esiromu wazala u-Aramu, u-Aramu wazala u-Aminadaba, u-Aminadaba wazala uNasoni, uNasoni wazala uSalimoni; uSalimoni wazala uBhowazi kuRakhabi, uBhowazi wazala u-Obhede kuRuthe, u-Obhede wazala uJesayi; uJesayi wazala uDavide, inkosi. UDavide wazala uSolomoni kumka-Uriya; uSolomoni wazala uRehobhowamu, uRehobhowamu wazala u-Abiya, u-Abiya wazala u-Asafa; u-Asafa wazala uJehoshafathi, uJehoshafathi wazala uJoramu, uJoramu wazala u-Uziya; u-Uziya wazala uJothamu, uJothamu wazala u-Ahazi, u-Ahazi wazala uHezekiya; uHezekiya wazala uManase, uManase wazala u-Amoni, u-Amoni wazala uJosiya; uJosiya wazala uJekhoniya nabafowabo ngesikhathi abakwa-Israyeli bethunjelwa eBhabhiloni. Kwathi sebethunjelwe eBhabhiloni; uJekhoniya wazala uSalithiyeli, uSalithiyeli wazala uZerubhabhele; uZerubhabhele wazala u-Abhiyudi, u-Abhiyudi wazala u-Eliyakhimi, u-Eliyakhimi wazala u-Azori; u-Azori wazala uZadoki, uZadoki wazala u-Akhimi, u-Akhimi wazala u-Eliyudi; u-Eliyudi wazala u-Eleyazare, u-Eleyazare wazala uMathani, uMathani wazala uJakobe; uJakobe wazala uJosefa, indoda kaMariya; yena wazala uJesu okuthiwa uKhristu. Zinjalo-ke izizukulwane zonke kusukela ku-Abhrahama kuya kuDavide; ziyizizukulwane ezili-14; ezisukela kuDavide kuze kube yisikhathi sokuthunjelwa eBhabhiloni, ziyizizukulwane ezili-14; nezisukela esikhathini sokuthunjelwa eBhabhiloni kuze kube yisikhathi sikaKhristu, ziyizizukulwane ezili-14. Ukuzalwa kukaJesu kwaba kanje: uMariya unina kaJesu wayesethenjiswe umendo uJosefa; bengakahlangani, uMariya watholakala esekhulelwe ngokukaMoya oNgcwele. Kepha uJosefa, indoda yakhe, ngenxa yokuba engumuntu olungileyo, akathandanga ukumthela ngehlazo, wayefuna ukuhlukana naye ngasese. Kuthe esazindla ngalokhu; bheka kwabonakala kuye ingelosi yeNkosi ephusheni, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya abe ngumkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungokukaMoya oNgcwele. Uzakuzala iNdodana, uyiqambe igama uthi nguJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.” Konke lokho kwenzeka ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomphrofethi, yathi: “Intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama bathi ngu-Immanuweli,” okusho ukuthi: “UNkulunkulu unathi.”

NgokukaMathewu 1:1-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Incwadi yokuzalwa kukaJesu Kristu, indodana kaDavide, indodana ka-Abrahama. U-Abrahama wazala u-Isaka; u-Isaka wazala uJakobe; uJakobe wazala uJuda nabafowabo; UJuda wazala uFaresi noZara kuTamari; uFaresi wazala u-Esrom; u-Esrom wazala u-Aramu; U-Aramu wazala u-Aminadaba; u-Aminadaba wazala uNaason; uNahasoni wazala uSalimoni; uSalimoni wazala uBhowazi ngoRahabi; uBhowazi wazala u-Obede kuRuthe; u-Obede wazala uJese; UJese wazala uDavide inkosi; uDavide inkosi wazala uSolomoni ngumka-Uriya; USolomoni wazala uRehobowamu; uRehobowamu wazala uAbhiya; uAbhiya wazala uAsa; U-Asa wazala uJehoshafati; uJehoshafati wazala uJoramu; uJoramu wazala u-Oziya; U-Oziya wazala uJothamu; uJothamu wazala u-Ahazi; u-Ahazi wazala uHezekiya; uHezekiya wazala uManase; uManase wazala u-Amoni; u-Amoni wazala uJosiya; uJosiya wazala uJekoniya nabafowabo, ngesikhathi sokuthunjelwa kwabo eBhabhiloni. Emva kokuthunjelwa eBabele, uJekoniya wazala uSalatiyeli; uSalatiyeli wazala uZorubhabheli; USorobhabheli wazala u-Abiyudi; u-Abiyudi wazala u-Eliyakimi; u-Eliyakimi wazala u-Azore; u-Azore wazala uSadoki; uSadoki wazala uAkimi; u-Akimi wazala u-Eliyudi; u-Eliyudi wazala u-Eleyazare; u-Eleyazare wazala uMathani; uMathani wazala uJakobe; uJakobe wazala uJosefa indoda kaMariya, okwazalwa ngaye uJesu, othiwa uKristu. Zonke izizukulwane ezisukela ku-Abrahama ziye kuDavide ziyizizukulwane eziyishumi nane; nezisukela kuDavide kuze kube sekuthunjelweni eBabiloni ziyizizukulwane eziyishumi nane; futhi kusukela ekuthunjelweni eBhabhiloni kuze kufike kuKristu ziyizizukulwane eziyishumi nane. Ukuzalwa kukaJesu Kristu kwaba kanje: unina uMariya esemiselwe uJosefa, bengakahlangani wafunyanwa ekhulelwe ngoMoya oNgcwele. Khona uJosefa indoda yakhe, engumuntu olungileyo, engathandi ukumenza ihlazo, waqonda ukumala ngasese. Esacabanga ngalezi zinto, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuye ngephupho, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya umkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungokwasezulwini uMoya oNgcwele. Uyakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo. Manje konke lokhu kwenzeka, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi: Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, bayiqambe igama lokuthi u-Emanuweli, okungukuthi ngokuhunyushwa, uNkulunkulu unathi.