NgokukaMathewu 1:1-23

NgokukaMathewu 1:1-23 ZUL20

Nantu uhla lozalo okwavela kulo uJesu Khristu, indodana kaDavide, indodana ka-Abhrahama. U-Abhrahama wazala u-Isaka, u-Isaka wazala uJakobe, uJakobe wazala uJuda nabafowabo; uJuda wazala uFaresi noZara kuThamari; uFaresi wazala u-Esiromu, u-Esiromu wazala u-Aramu, u-Aramu wazala u-Aminadaba, u-Aminadaba wazala uNasoni, uNasoni wazala uSalimoni; uSalimoni wazala uBhowazi kuRakhabi, uBhowazi wazala u-Obhede kuRuthe, u-Obhede wazala uJesayi; uJesayi wazala uDavide, inkosi. UDavide wazala uSolomoni kumka-Uriya; uSolomoni wazala uRehobhowamu, uRehobhowamu wazala u-Abiya, u-Abiya wazala u-Asafa; u-Asafa wazala uJehoshafathi, uJehoshafathi wazala uJoramu, uJoramu wazala u-Uziya; u-Uziya wazala uJothamu, uJothamu wazala u-Ahazi, u-Ahazi wazala uHezekiya; uHezekiya wazala uManase, uManase wazala u-Amoni, u-Amoni wazala uJosiya; uJosiya wazala uJekhoniya nabafowabo ngesikhathi abakwa-Israyeli bethunjelwa eBhabhiloni. Kwathi sebethunjelwe eBhabhiloni; uJekhoniya wazala uSalithiyeli, uSalithiyeli wazala uZerubhabhele; uZerubhabhele wazala u-Abhiyudi, u-Abhiyudi wazala u-Eliyakhimi, u-Eliyakhimi wazala u-Azori; u-Azori wazala uZadoki, uZadoki wazala u-Akhimi, u-Akhimi wazala u-Eliyudi; u-Eliyudi wazala u-Eleyazare, u-Eleyazare wazala uMathani, uMathani wazala uJakobe; uJakobe wazala uJosefa, indoda kaMariya; yena wazala uJesu okuthiwa uKhristu. Zinjalo-ke izizukulwane zonke kusukela ku-Abhrahama kuya kuDavide; ziyizizukulwane ezili-14; ezisukela kuDavide kuze kube yisikhathi sokuthunjelwa eBhabhiloni, ziyizizukulwane ezili-14; nezisukela esikhathini sokuthunjelwa eBhabhiloni kuze kube yisikhathi sikaKhristu, ziyizizukulwane ezili-14. Ukuzalwa kukaJesu kwaba kanje: uMariya unina kaJesu wayesethenjiswe umendo uJosefa; bengakahlangani, uMariya watholakala esekhulelwe ngokukaMoya oNgcwele. Kepha uJosefa, indoda yakhe, ngenxa yokuba engumuntu olungileyo, akathandanga ukumthela ngehlazo, wayefuna ukuhlukana naye ngasese. Kuthe esazindla ngalokhu; bheka kwabonakala kuye ingelosi yeNkosi ephusheni, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya abe ngumkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungokukaMoya oNgcwele. Uzakuzala iNdodana, uyiqambe igama uthi nguJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.” Konke lokho kwenzeka ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomphrofethi, yathi: “Intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama bathi ngu-Immanuweli,” okusho ukuthi: “UNkulunkulu unathi.”

Video for NgokukaMathewu 1:1-23