NgokukaLuka 9:28-62
NgokukaLuka 9:28-62 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi emva kwalawo mazwi kungathi izinsuku eziyisishiyagalombili, wathatha oPetru noJohane noJakobe, wakhuphukela entabeni ukuyokhuleka. Kwathi ekhuleka, isimo sobuso bakhe saguquka, nengubo yakhe yaba mhlophe, yabenyezela. Bheka, kwakhuluma naye amadoda amabili, oMose no-Eliya; ababonakala ngenkazimulo, bakhuluma ngokumuka kwakhe abezakufeza eJerusalema. Kepha uPetru nababe naye babesindwa ubuthongo; sebevukile babona inkazimulo yakhe namadoda amabili ayemi naye. Kwathi ekwahlukaneni kwawo kuye, uPetru wathi kuJesu: “Rabi, kuhle ukuba sibe lapha; elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya, engakwazi akushoyo. Esakhuluma lokho, kwafika ifu, labasithibeza; besaba lapho bengena efwini. Kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo; Kwathi izwi seliphumile, uJesu wafunyanwa eyedwa. Bakugcina, abatshela muntu ngalezo zinsuku lutho lwalezo zinto ababezibonile. Kwathi kusisa sebehlile entabeni, ixuku elikhulu lamhlangabeza. Bheka, kwamemeza indoda esixukwini, yathi: “Mfundisi, ngiyakucela ukuba ubheke indodana yami, ngokuba yiyo yodwa kimi; Bheka, umoya uyambamba, akhale masinyane; wamdwengula, aze akhihlize amagwebu, asuke kalukhuni kuye ukumlimaza. Ngabancenga abafundi bakho ukuthi bawukhiphe; kepha abakwazanga. UJesu waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani, nginibekezelela na? Letha lapha indodana yakho. Kwathi eseza, idimoni layiwisela phansi, layihlukumeza kakhulu. UJesu wamkhuza umoya ongcolileyo, wamphulukisa umntwana, wambuyisela kuyise. Basebemangala bonke ngamandla amakhulu kaNkulunkulu. Kwathi bonke bemangala ngakho konke akwenzayo uJesu, wathi kubafundi bakhe. Bekani la mazwi endlebeni zenu, ngokuba iNdodana yomuntu iyakukhashelwa ezandleni zabantu. Kodwa kabaliqondanga lelilizwi, njalo lalifihlakele kubo, ukuze bangaliqondi; basebesesaba ukumbuza ngalelolizwi. Kwase kuba khona ukuphikisana phakathi kwabo kokuthi ngubani ongaba mkhulu kubo. UJesu ebona izizindlo zenhliziyo yabo, wathatha umntwana, wammisa eduze kwakhe. Wathi kubo: “Yilowo nalowo owamukela lo mntwana egameni lami uyangamukela mina; UJohane waphendula wathi: “Mfundisi, sabona umuntu ekhipha amademoni ngegama lakho; sasesimenqabela, ngoba engasilandeli. UJesu wathi kuye: “Ningamnqabeli, ngokuba ongamelene nathi ungakithi. Kwathi sesifikile isikhathi sokuthi anyuswe, waqinisela ubuso bakhe ukuya eJerusalema. Wathuma izithunywa phambi kwakhe, zahamba, zangena emzaneni wamaSamariya ukuba amlungisele. Kodwa kabamemukelanga, ngoba ubuso bakhe babunjengokuya eJerusalema. Kwathi abafundi bakhe oJakobe noJohane bekubona bathi: “Nkosi, uyathanda ukuba sibize umlilo wehle ezulwini, ubaqothule, njengokuba no-Eliya enza na? Kodwa watshibilika, wabakhuza wathi: Kalikwazi ukuthi lingabomoya onjani. Ngokuba iNdodana yomuntu ayizanga ukubhubhisa imiphefumulo yabantu, kodwa ukuyisindisa. Bahamba baya komunye umuzi. Kwathi besahamba endleleni, umuntu othile wathi kuye: “Nkosi, ngiyakukulandela noma ngaphi lapho oya khona. UJesu wathi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke; kodwa iNdodana yomuntu kayilalapho engaqamelisa khona ikhanda. Wasesithi komunye: Ngilandele. Kodwa wathi: Nkosi, ngivumele ngiye kuqala ngingcwabe ubaba. UJesu wathi kuye: “Yeka abafileyo bembele abafileyo babo; Nomunye wathi: “Nkosi, ngiyakukulandela; kodwa ngivumele ngiqale ngiyevalelisa labo abasekhaya. UJesu wathi kuye: “Akakho othi esebeké isandla sakhe egejeni, abuke emuva, ofanele umbuso kaNkulunkulu.
NgokukaLuka 9:28-62 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi cishe emva kwezinsuku eziyisishiyagalombili ekukhulumile lokho, wathatha uPhethro, uJohane, noJakobe; wenyukela nabo entabeni ukuba ayokhuleka. Esakhuleka, isimo sobuso bakhe saguquka, nezingubo zakhe zaba mhlophe qwa, zacwebezela. Kwase kubonakala amadoda amabili, uMose no-Eliya, bekhuluma naye; abonakala ngenkazimulo, ekhuluma naye ngohambo lwakhe okumele aluphothule eJerusalema. Kepha uPhethro nababenaye babelele zwi, kodwa kuthe sebephapheme, babona inkazimulo yakhe namadoda amabili ayemi naye. Kuthe esehlukene naye, uPhethro wathi kuJesu: “Nkosi, kuhle ukuba sibe lapha; masakhe amadokodo amathathu, elinye kube ngelakho, elinye kube ngelikaMose, elinye kube ngelika-Eliya.” Wayengazi ukuthi uthini. Esakhuluma lokhu, kwafika ifu, labasibekela; besaba lapho ifu libamboza. Kwezwakala izwi efini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ekhethiweyo; yizweni.” Kuthe selizwakele izwi, uJesu wabonakala esesele yedwa. Bathula du, abangatshela muntu lokho ababekubonile ngaleyo mihla. Kwathi ngosuku olulandelayo, sebehlile entabeni, isixuku esikhulu samhlangabeza. Indoda eyayisesixukwini yamemeza yathi: “Mfundisi, ngiyakunxusa ukuba uzongibonela indodana yami, okungukuphela kwayo. Umoya uyayidumela, idazuluke masinyane, uyithele phansi, ikhihlize amagwebu, kuthi uqambe uhamba, ibe isiyimvithi nje. Ngibanxusile abafundi bakho ukuba bawukhiphe, kepha behluleka.” UJesu waphendula wathi: “Hhawu, sizukulwane esingakholwayo nesonakeleyo, kuyoze kube nini nginani, nginibekezelela na? Yilethe lapha indodana yakho.” Kuthe iseza, idimoni layiqumba phansi, layihlukumeza kakhulu; uJesu wawukhuza umoya ongcolileyo, umfana waphiliswa, wayesembuyisela kuyise. Bamangala bonke ngamandla amakhulu kaNkulunkulu. Kuthe besamangele bonke ngakho konke akwenzileyo, wathi kubafundi bakhe: “Vulani izindlebe zenu nilalele lawa mazwi, ngokuba iNdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zabantu.” Kabaqondanga ukuthi isho ukuthini inkulumo yakhe, ngokuba yayifihliwe kubo, funa bayiqonde, futhi besaba ukumbuza ngayo. Kwaqubuka impikiswano phakathi kwabo yokuthi ngubani ongomkhulu kubo. UJesu eyazi impikiswano esenhliziyweni yabo, wathatha umntwana, wammisa eduze kwakhe, wathi kubo: “Yilowo nalowo oyakwamukela lo mntwana egameni lami, wamukela Mina; ongamukelayo Mina, uyamamukela nongithumileyo, ngokuba omncinyane kini nonke nguye omkhulu.” UJohane waphendula wathi: “Nkosi, sibone umuntu ekhipha amadimoni ngegama lakho, samnqabela, ngokuba engahambisani nathi.” Kepha uJesu wathi kuye: “Ningamnqabeli, ngokuba ongamelene nani, ungakini.” Kwathi sekusondele izinsuku zokuba enyuselwe ezulwini, wanquma ukuya eJerusalema. Wathumela izithunywa, zamendulela; zahamba, zangena emzini wamaSamariya ukuba zimlungiselele. Kepha awamemukelanga, ngokuba wayelibangise eJerusalema. Abafundi bakhe, oJakobe noJohane, bekubona lokho, bathi: “Nkosi, uyathanda yini ukuba sibize umlilo wehle ezulwini, uwabhubhise na?” Kepha waphenduka, wabathethisa, wathi: “Anazi ukuthi ningabamuphi umoya. Ngokuba iNdodana yomuntu ayizanga ukuzobhubhisa imiphefumulo yabantu, kodwa ukuzoyisindisa;” base bedlulela komunye wemizana. Kuthe besahamba endleleni, othile wathi kuye: “Ngizakukulandela, noma kuphi lapho uya khona.” UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo lapho ingacamelisa khona ikhanda.” Wayesethi komunye: “Ngilandele.” Kepha yena wathi: “Ngivumele ngiyongcwaba ubaba kuqala.” Kepha wathi kuye: “Yekela abafileyo bambele abafileyo babo, kodwa wena hamba, ushumayele ngombuso kaNkulunkulu.” Omunye futhi wathi: “Nkosi, ngizakukulandela, kodwa ngivumele ngiyovalelisa kuqala kwabasekhaya.” Kepha uJesu wathi kuye: “Akekho othi esebeke isandla sakhe egejeni, aphinde abheke emuva, owufanele umbuso kaNkulunkulu.”
NgokukaLuka 9:28-62 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi emva kwalawo mazwi kungathi izinsuku zaba yisishiyagalombili wathatha oPetru, noJohane, noJakobe, wenyukela entabeni ukuyokhuleka. Kwathi ekukhulekeni kwakhe isimo sobuso bakhe saba ngesinye, nezingubo zakhe zaba mhlophe, zacwebezela. Bheka, kwakhuluma naye amadoda amabili ayengoMose no-Eliya; abonakala ngenkazimulo, akhuluma ngokumuka kwakhe abemelwe ukukufeza eJerusalema. UPetru nababe naye babekhwelwe ngubuthongo; kepha sebephapheme babona inkazimulo yakhe namadoda amabili emi naye. Kwathi ekwahlukaneni kwawo naye uPetru wathi kuJesu: “Nkosi, kuhle ukuba silapha; masakhe amadokodo amathathu, elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya;” wayengazi ukuthi uthini. Esakhuluma lokhu, kwafika ifu, labasithibeza; besaba ekungeneni kwabo efwini. Kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ekhethiweyo; yizweni.” Kwathi livela izwi, uJesu wafunyanwa eyedwa. Bathula bona, ngaleyo mihla kabatshelanga muntu neyodwa yalezo zinto abazibonileyo. Kwathi ngangomuso sebehlile entabeni, isixuku esikhulu samhlangabeza. Bheka, indoda yasesixukwini yamemeza yathi: “Mfundisi, ngiyakunxusa ukuba ubheke indodana yami, ngokuba yiyo yodwa kimi. Bheka, umoya uyayibamba, idazuluke masinyane; uyihlukumeza, ikhihlize amagwebu, amuke kuyo eseyizukile. Ngibanxusile abafundi bakho ukuba bamkhiphe, kepha bahluleka.” UJesu waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani, nginibekezelela, na? Yilethe lapha indodana yakho.” Kuthe iseza, idemoni layiwisa phansi, layihlukumeza kakhulu; uJesu wamkhuza umoya ongcolileyo, wamphulukisa umfana, wambuyisela kuyise. Bethuka bonke ngamandla amakhulu kaNkulunkulu. Besamangele bonke ngakho konke akwenzileyo, wathi kubafundi bakhe: “Khwezani lawo mazwi ezindlebeni zenu, ngokuba iNdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zabantu.” Kepha abakuzwisisanga lokho kusho, kwakusithekile kubo, ukuze bangakuqondi; besaba ukumbuza ngalokho kusho. Kwavela ukuzindlisana phakathi kwabo kokuthi ngubani ongahle abemkhulu kubo. Kuthe uJesu ebona ukuzindla kwenhliziyo yabo, wathabatha umntwana, wammisa phambi kwakhe, wathi kubo: “Yilowo nalowo oyakwamukela lo mntwana ngegama lami uyangamukela mina, ongamukela mina uyamamukela ongithumileyo; ngokuba omncinyane kini nonke nguye omkhulu.” UJohane waphendula wathi: “Nkosi, sabona umuntu ekhipha amademoni ngegama lakho, samnqabela ngokuba engalandelani nathi.” Kepha uJesu wathi kuye: “Ningamnqabeli, ngokuba ongamelene nani ungakini.” Kwathi sezizakuphelela izinsuku zokwenyuswa kwakhe, wabhekisa ubuso bakhe ukuya eJerusalema. Wathuma izithunywa phambi kwakhe; zahamba, zangena emzini wamaSamariya ukuba zimlungisele. Kepha awamamukelanga, ngokuba ubuso bakhe babubheke eJerusalema. Kuthe abafundi bakhe oJakobe noJohane sebekubonile lokho, bathi: “Nkosi, uyathanda ukuba sibize umlilo wehle ezulwini, uwaqede, na?” Kepha waguquka, wabakhuza wathi: “Anazi ukuthi ningabomoya muni. Ngokuba iNdodana yomuntu ayizanga ukubhubhisa imiphefumulo yabantu kodwa ukuyisindisa,” base beya komunye umuzi. Kwathi behamba endleleni, umuntu othile wathi kuye: “Ngizakukulandela, noma uya ngaphi.” UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.” Wayesethi komunye: “Ngilandele.” Wathi yena: “Ngivumele ngiye kuqala ukuyakummbela ubaba.” Kepha wathi kuye: “Yeka abafileyo bembele abafileyo babo, kodwa hamba wena, ushumayele umbuso kaNkulunkulu.” Nomunye-ke wathi: “Ngizakukulandela, Nkosi; kepha ngivumele ngiye kuqala ukuyovalelisa abasekhaya.” Kodwa uJesu wathi kuye: “Akakho othi esebeke isandla sakhe egejeni, abuke emuva, ofanele umbuso kaNkulunkulu.”
NgokukaLuka 9:28-62 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)