NgokukaLuka 9:1-36
NgokukaLuka 9:1-36 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Wasebizela ndawonye abafundi bakhe abayishumi nambili, wabanika amandla negunya phezu kwamademoni onke, nokuphulukisa izifo. Wabathuma ukuthi bashumayele umbuso kaNkulunkulu, baphulukise abagulayo. Wathi kubo: “Ningaphathi lutho lwendlela, naludondolo, nasikhwama, nasinkwa, namali; futhi ningabi namabhantshi amabili. Nakuyiphi indlu eningena kuyo, hlalani khona, nimuke lapho. Lalowo ongayikunamukela, anothi niphuma kulowo muzi, nivuthulule nothuli ezinyaweni zenu, kube ngubufakazi kubo. Base bemuka, badabula imizi, beshumayela ivangeli, bephulukisa ezindaweni zonke. Kepha uHerode umtetrarki wezwa konke okwenziwa nguye, wasambatheka, ngokuba abanye bathi uJohane uvukile kwabafileyo; labanye ukuthi uEliya ubonakele; labanye ukuthi kwavuka omunye wabaprofethi abadala. UHerodi wathi: “UJohane ngamnquma ikhanda; wasefisa ukumbona. Sebebuyile abaphostoli bamtshela konke ababekwenzile. Wabathatha, wamuka nabo bebodwa endaweni eyihlane yomuzi othiwa iBetsayida. Kwathi isixuku sekwazi lokho, samlandela; Kwathi sekuqala ukuhwalala, kwafika abalitshumi lambili, bathi kuye: Yekisa ixuku lihambe, ukuze baye emizaneni lesemaphandleni, balale, bathole ukudla; ngoba lapha sisenkangala. indawo. Kodwa wathi kubo: Bapheni lina ukudla. Base bethi: “Asisenazinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili; ngaphandle kokuthi sihambe sibathengele bonke lababantu inyama. Ngokuba kwakungamadoda angathi izinkulungwane eziyisihlanu. Wasesithi kubafundi bakhe: Bahlaliseni phansi ngamaviyo ngamatshumi amahlanu. Benza njalo, babahlalisa bonke. Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wanika abafundi ukuba babeke phambi kwesixuku. Badla, basutha bonke, kwabuthwa imvuthuluka eseleyo kubo, iziqabetho eziyishumi nambili. Kwathi ekhuleka yedwa, abafundi bakhe babenaye, wababuza, wathi: “Isixuku sithi ngingubani na? Basebephendula bathi: UJohane uMbhabhathizi; kodwa abanye bathi: UEliya; labanye bathi: Kuvukile omunye wabaprofethi abadala. Wathi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani na? UPetro waphendula wathi: UKristu kaNkulunkulu. Wabalaya kakhulu, wabalaya ukuthi bangatsheli muntu lokho; esithi: INdodana yomuntu imelwe ukuhlupheka ngokuningi, ilahlwe ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, ibulawe, futhi ivuswe ngosuku lwesithathu. Wathi kubo bonke: “Uma umuntu ethanda ukungilandela, makazidele, athabathe isiphambano sakhe imihla ngemihla, angilandele. Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukusindisa. Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, kodwa ezilahlekele noma alahlwe? Ngokuba yilowo nalowo onamahloni ngami nangamazwi ami, iNdodana yomuntu iyakuba namahloni ngaye, lapho iza ngenkazimulo yayo, nekaYise, neyezingelosi ezingcwele. Kodwa ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemiyo lapha, abangayikukuzwa ukufa, baze babone umbuso kaNkulunkulu. Kwathi emva kwalawo mazwi kungathi izinsuku eziyisishiyagalombili, wathatha oPetru noJohane noJakobe, wakhuphukela entabeni ukuyokhuleka. Kwathi ekhuleka, isimo sobuso bakhe saguquka, nengubo yakhe yaba mhlophe, yabenyezela. Bheka, kwakhuluma naye amadoda amabili, oMose no-Eliya; ababonakala ngenkazimulo, bakhuluma ngokumuka kwakhe abezakufeza eJerusalema. Kepha uPetru nababe naye babesindwa ubuthongo; sebevukile babona inkazimulo yakhe namadoda amabili ayemi naye. Kwathi ekwahlukaneni kwawo kuye, uPetru wathi kuJesu: “Rabi, kuhle ukuba sibe lapha; elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya, engakwazi akushoyo. Esakhuluma lokho, kwafika ifu, labasithibeza; besaba lapho bengena efwini. Kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo; Kwathi izwi seliphumile, uJesu wafunyanwa eyedwa. Bakugcina, abatshela muntu ngalezo zinsuku lutho lwalezo zinto ababezibonile.
NgokukaLuka 9:1-36 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJesu esebabizele kuye abali-12, wabanika amandla negunya lokukhipha amadimoni nokuphilisa abagulayo. Wabathuma ukuba bashumayele ngombuso kaNkulunkulu nokuba baphilise abagulayo. Wathi kubo: “Ningaphathi lutho lwendlela: naludondolo, nasikhwama sokuthekela, nasinkwa, namali; ningawaphathi amabhantshi amabili. Noma yiyiphi indlu eningenisa kuyo, hlalani kuyo, nize nihambe lapho. Bonke abangayukunamukela, anothi uma senisuka kulowo muzi, nithintithe uthuli ezinyaweni zenu, ukuze kube ngubufakazi obumelene nabo.” Baphuma-ke, badabula imizi ngemizi, bevangela, futhi bephilisa abagulayo ezindaweni zonke. Kwathi uHerode, uMthethrakhi, ezwa ngakho konke okwakwenzeka, wadideka kakhulu, ngokuba abanye bathi kuye uJohane uvukile kwabafileyo, abanye bathi u-Eliya uvukile, nabanye bathi kuvuke umphrofethi othile wasemandulo. Kepha uHerode wathi: “UJohane ngamnquma ikhanda; pho-ke ngubani lo engizwa ngaye ngalezi zinto na?” Wafuna ukumbona. Sebebuyile abaphostoli, bamlandisa ngakho konke abakwenzileyo; wabathatha, wahamba nabo ngasese, baya emzini okuthiwa yiBhethsayida. Kepha izixuku sezazi ngalokho zamlandela; wazemukela, wakhuluma kuzo ngombuso kaNkulunkulu, wabaphulukisa abadinga ukuphiliswa. Kuthe seliyozilahla kunina, abafundi abali-12 beza kuye, bathi: “Baxoshe abantu baye emizaneni nasemakhaya azungezileyo, bangenise khona, ukuba bathole ukudla, ngokuba lapha sisendaweni eyihlane.” Wathi kubo: “Bapheni nina ukudla.” Kepha bathi: “Esinakho yizinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili kuphela, ngaphandle-ke uma singahamba siyothengela bonke laba bantu ukudla.” Lapho kwakukhona amadoda ayelinganiselwa ezi-5 000. Wathi kubafundi bakhe: “Bahlaliseni ngamaqembu angama-50.” Benza kanjalo, babahlalisa bonke. Wazithatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wazinika abafundi ukuba bazabele isixuku sabantu. Badla, basutha bonke, kwabuthwa imvuthuluka eyasala kubo, engamaqoma ali-12. Kwathi esakhuleka eyedwa, abafundi benaye, wayesebabuza ethi: “Abantu bathi ngingubani na?” Baphendula bathi: “UJohane uMbhabhadisi”, kepha abanye bathi: “Ngu-Eliya”, abanye bathi: “Kuvuke umphrofethi othile wasemandulo.” Wayesethi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani na?” UPhethro waphendula wathi: “UnguKhristu kaNkulunkulu.” Wabadonsa ngendlebe, wabayala ukuba bangakutsheli muntu lokho, wathi: “INdodana yomuntu imelwe ukuhlupheka ngokuningi, ilahlwe ngamalunga nabaphristi abakhulu nezazimthetho, ibulawe, ivuswe ngosuku lwesithathu.” Wayesethi kubo bonke: “Uma umuntu ethanda ukungilandela, makazidele, athathe isiphambano sakhe imihla ngemihla, angilandele. Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe, uyakulahlekelwa yikho; kepha lowo olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami, uyakukusindisa. Ngokuba kuyakumsiza ngani umuntu ukuzuza izwe lonke, kepha yena alahlekelwe noma alimaze ukuphila kwakhe na? Ngokuba yilowo nalowo onamahloni ngami nangamazwi ami, iNdodana yomuntu iyakuba namahloni ngalowo lapho iza ngenkazimulo yayo, nekaYise neyezingelosi ezingcwele. Kepha nginitshela iqiniso ukuthi bakhona abanye kwabemi lapha abangayukufa, baze bawubone umbuso kaNkulunkulu.” Kwathi cishe emva kwezinsuku eziyisishiyagalombili ekukhulumile lokho, wathatha uPhethro, uJohane, noJakobe; wenyukela nabo entabeni ukuba ayokhuleka. Esakhuleka, isimo sobuso bakhe saguquka, nezingubo zakhe zaba mhlophe qwa, zacwebezela. Kwase kubonakala amadoda amabili, uMose no-Eliya, bekhuluma naye; abonakala ngenkazimulo, ekhuluma naye ngohambo lwakhe okumele aluphothule eJerusalema. Kepha uPhethro nababenaye babelele zwi, kodwa kuthe sebephapheme, babona inkazimulo yakhe namadoda amabili ayemi naye. Kuthe esehlukene naye, uPhethro wathi kuJesu: “Nkosi, kuhle ukuba sibe lapha; masakhe amadokodo amathathu, elinye kube ngelakho, elinye kube ngelikaMose, elinye kube ngelika-Eliya.” Wayengazi ukuthi uthini. Esakhuluma lokhu, kwafika ifu, labasibekela; besaba lapho ifu libamboza. Kwezwakala izwi efini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ekhethiweyo; yizweni.” Kuthe selizwakele izwi, uJesu wabonakala esesele yedwa. Bathula du, abangatshela muntu lokho ababekubonile ngaleyo mihla.
NgokukaLuka 9:1-36 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wayesebabizela ndawonye abayishumi nambili, wabanika amandla negunya phezu kwamademoni onke nokuphulukisa izifo. Wabathuma ukushumayela umbuso kaNkulunkulu nokuphulukisa. Wathi kubo: “Ningaphathi lutho lwendlela, naludondolo, nasikhwama, nasinkwa, namali, ningabi namabhantshi amabili. Nakuyiphi indlu eningena kuyo, hlalani lapho, nize nimuke khona. Bonke abanganamukeliyo, anothi nxa nimuka kulowo muzi, nithintithe uthuli ezinyaweni zenu, kube ngubufakazi ngabo.” Bamuka-ke, bahamba imizi ngemizi beshumayela ivangeli, bephulukisa ezindaweni zonke. Kwathi uHerode umtetrarki* ekuzwa konke okwenzekayo, wasambatheka ngokusho kwabanye ukuthi uJohane uvukile kwabafileyo, ngokwabanye ukuthi u-Eliya ubonakele, ngokwabanye ukuthi kuvukile umprofethi othile kwabadala. Kepha uHerode wathi: “UJohane ngamnquma ikhanda mina; kodwa ngubani lo engizwa ngaye okunje?” Wafuna ukumbona. Abaphostoli sebebuyile bamlandisa konke abakwenzileyo; wabathatha, wamuka nabo bebodwa ukuya emzini othiwa iBetsayida. Kepha izixuku sezazi zamlandela; wazithakazela, wakhuluma kuzo ngombuso kaNkulunkulu, wabaphulukisa abaswela ukuphulukiswa. Seliqala ukushona, beza kuye abayishumi nambili, bathi: “Bamukise abantu ukuba baye emizaneni nasezweni elizungezileyo, bangenise, bathole ukudla, ngokuba lapha sisendaweni eyihlane.” Kepha wathi kubo: “Bapheni nina ukudla.” Bathi-ke: “Esinakho yizinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili kuphela ngaphandle kokuba siyobathengela bonke laba bantu ukudla.” Ngokuba kwakukhona amadoda okungathi izinkulungwane eziyisihlanu. Wathi kubafundi bakhe: “Bahlaliseni ngezigaba ngamashumi ayisihlanu.” Benze njalo, babahlalisa bonke. Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wanika abafundi ukuba babele isixuku. Badla, basutha bonke, kwabuthwa imvuthuluka eyasala kubo, iziqabetho eziyishumi nambili. Kwathi ekhuleka ngasesitha, abafundi babe naye; wababuza ethi: “Abantu bathi ngingubani na?” Baphendula bathi: “UJohane uMbhapathizi; kepha abanye bathi: Ngu-Eliya; abanye kodwa bathi: Kuvukile umprofethi othile wabadala.” Wayesethi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani na?” UPetru waphendula wathi: “UnguKristu kaNkulunkulu.” Wabayala, wagcizelela ukuba bangatsheli muntu lokho, wathi: “INdodana yomuntu imelwe ukuhlupheka ngokuningi, ilahlwe ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, ibulawe, ivuswe ngosuku lwesithathu.” Wayesethi kubo bonke: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe imihla ngemihla, angilandele. Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukusindisa. Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuzile izwe lonke, yena uqobo alahleke nokuba alimale, na? Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami ngaye lo iNdodana yomuntu iyakuba nezinhloni, lapho iza ngenkazimulo yayo nekaYise neyezingelosi ezingcwele. Kepha nginitshela ngesiminya ukuthi bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze babone umbuso kaNkulunkulu.” Kwathi emva kwalawo mazwi kungathi izinsuku zaba yisishiyagalombili wathatha oPetru, noJohane, noJakobe, wenyukela entabeni ukuyokhuleka. Kwathi ekukhulekeni kwakhe isimo sobuso bakhe saba ngesinye, nezingubo zakhe zaba mhlophe, zacwebezela. Bheka, kwakhuluma naye amadoda amabili ayengoMose no-Eliya; abonakala ngenkazimulo, akhuluma ngokumuka kwakhe abemelwe ukukufeza eJerusalema. UPetru nababe naye babekhwelwe ngubuthongo; kepha sebephapheme babona inkazimulo yakhe namadoda amabili emi naye. Kwathi ekwahlukaneni kwawo naye uPetru wathi kuJesu: “Nkosi, kuhle ukuba silapha; masakhe amadokodo amathathu, elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya;” wayengazi ukuthi uthini. Esakhuluma lokhu, kwafika ifu, labasithibeza; besaba ekungeneni kwabo efwini. Kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ekhethiweyo; yizweni.” Kwathi livela izwi, uJesu wafunyanwa eyedwa. Bathula bona, ngaleyo mihla kabatshelanga muntu neyodwa yalezo zinto abazibonileyo.
NgokukaLuka 9:1-36 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Wasebizela ndawonye abafundi bakhe abayishumi nambili, wabanika amandla negunya phezu kwamademoni onke, nokuphulukisa izifo. Wabathuma ukuthi bashumayele umbuso kaNkulunkulu, baphulukise abagulayo. Wathi kubo: “Ningaphathi lutho lwendlela, naludondolo, nasikhwama, nasinkwa, namali; futhi ningabi namabhantshi amabili. Nakuyiphi indlu eningena kuyo, hlalani khona, nimuke lapho. Lalowo ongayikunamukela, anothi niphuma kulowo muzi, nivuthulule nothuli ezinyaweni zenu, kube ngubufakazi kubo. Base bemuka, badabula imizi, beshumayela ivangeli, bephulukisa ezindaweni zonke. Kepha uHerode umtetrarki wezwa konke okwenziwa nguye, wasambatheka, ngokuba abanye bathi uJohane uvukile kwabafileyo; labanye ukuthi uEliya ubonakele; labanye ukuthi kwavuka omunye wabaprofethi abadala. UHerodi wathi: “UJohane ngamnquma ikhanda; wasefisa ukumbona. Sebebuyile abaphostoli bamtshela konke ababekwenzile. Wabathatha, wamuka nabo bebodwa endaweni eyihlane yomuzi othiwa iBetsayida. Kwathi isixuku sekwazi lokho, samlandela; Kwathi sekuqala ukuhwalala, kwafika abalitshumi lambili, bathi kuye: Yekisa ixuku lihambe, ukuze baye emizaneni lesemaphandleni, balale, bathole ukudla; ngoba lapha sisenkangala indawo. Kodwa wathi kubo: Bapheni lina ukudla. Base bethi: “Asisenazinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili; ngaphandle kokuthi sihambe sibathengele bonke lababantu inyama. Ngokuba kwakungamadoda angathi izinkulungwane eziyisihlanu. Wasesithi kubafundi bakhe: Bahlaliseni phansi ngamaviyo ngamatshumi amahlanu. Benza njalo, babahlalisa bonke. Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wanika abafundi ukuba babeke phambi kwesixuku. Badla, basutha bonke, kwabuthwa imvuthuluka eseleyo kubo, iziqabetho eziyishumi nambili. Kwathi ekhuleka yedwa, abafundi bakhe babenaye, wababuza, wathi: “Isixuku sithi ngingubani na? Basebephendula bathi: UJohane uMbhabhathizi; kodwa abanye bathi: UEliya; labanye bathi: Kuvukile omunye wabaprofethi abadala. Wathi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani na? UPetro waphendula wathi: UKristu kaNkulunkulu. Wabalaya kakhulu, wabalaya ukuthi bangatsheli muntu lokho; esithi: INdodana yomuntu imelwe ukuhlupheka ngokuningi, ilahlwe ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, ibulawe, futhi ivuswe ngosuku lwesithathu. Wathi kubo bonke: “Uma umuntu ethanda ukungilandela, makazidele, athabathe isiphambano sakhe imihla ngemihla, angilandele. Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukusindisa. Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, kodwa ezilahlekele noma alahlwe? Ngokuba yilowo nalowo onamahloni ngami nangamazwi ami, iNdodana yomuntu iyakuba namahloni ngaye, lapho iza ngenkazimulo yayo, nekaYise, neyezingelosi ezingcwele. Kodwa ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemiyo lapha, abangayikukuzwa ukufa, baze babone umbuso kaNkulunkulu. Kwathi emva kwalawo mazwi kungathi izinsuku eziyisishiyagalombili, wathatha oPetru noJohane noJakobe, wakhuphukela entabeni ukuyokhuleka. Kwathi ekhuleka, isimo sobuso bakhe saguquka, nengubo yakhe yaba mhlophe, yabenyezela. Bheka, kwakhuluma naye amadoda amabili, oMose no-Eliya; ababonakala ngenkazimulo, bakhuluma ngokumuka kwakhe abezakufeza eJerusalema. Kepha uPetru nababe naye babesindwa ubuthongo; sebevukile babona inkazimulo yakhe namadoda amabili ayemi naye. Kwathi ekwahlukaneni kwawo kuye, uPetru wathi kuJesu: “Rabi, kuhle ukuba sibe lapha; elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya, engakwazi akushoyo. Esakhuluma lokho, kwafika ifu, labasithibeza; besaba lapho bengena efwini. Kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo; Kwathi izwi seliphumile, uJesu wafunyanwa eyedwa. Bakugcina, abatshela muntu ngalezo zinsuku lutho lwalezo zinto ababezibonile.