NgokukaLuka 8:4-8
NgokukaLuka 8:4-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Sekubuthene kuye isixuku esikhulu sivela emizini ngemizi, wakhuluma ngomfanekiso, wathi: “Kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela imbewu yakhe. Ekuhlwanyeleni kwakhe enye yawela ngasendleleni; yanyathelwa, izinyoni zezulu zayidla, zayiqeda. Enye yawela edwaleni; kuthe imila, yabuna, ngokuba ingenamswakama. Enye yawela phakathi kwameva, kwaze kwathi ameva esemila kanye nayo, ayiminyanisa. Enye yawela emhlabathini omuhle; kuthe imila, yathela ngekhulu.” Ekusho lokhu wamemeza wathi: “Onezindlebe zokuzwa makezwe.”
NgokukaLuka 8:4-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwasekubuthene ixuku elikhulu, leza kuye livela emizini yonke, wakhuluma ngomfanekiso. Kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela imbewu yakhe; yanyathelwa, izinyoni zezulu zayidla zayidla. Enye yawela edwaleni; kwathi nje imila yabuna, ngoba yayintula umswakama. Enye yawela emeveni; ameva akhula kanye nayo, ayiminyanisa. Enye yawela emhlabathini omuhle, yamila, yathela ngekhulu. Esetshilo lezizinto wamemeza wathi: Onezindlebe zokuzwa makezwe.
NgokukaLuka 8:4-8 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwasekubuthene ixuku elikhulu, leza kuye livela emizini yonke, wakhuluma ngomfanekiso. Kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela imbewu yakhe; yanyathelwa, izinyoni zezulu zayidla zayidla. Enye yawela edwaleni; kwathi nje imila yabuna, ngoba yayintula umswakama. Enye yawela emeveni; ameva akhula kanye nayo, ayiminyanisa. Enye yawela emhlabathini omuhle, yamila, yathela ngekhulu. Esetshilo lezizinto wamemeza wathi: Onezindlebe zokuzwa makezwe.
NgokukaLuka 8:4-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwabuthana ndawonye isixuku esikhulu sivela emizini ngemizi, size kuye. Wayesekhuluma ngomzekeliso, wathi: “Kwaphuma umhlwanyeli wayohlwanyela imbewu yakhe. Ekuhlwanyeleni kwakhe, enye imbewu yawela ngasendleleni; yanyathelwa, zayidla nezinyoni zezulu. Enye yawela edwaleni; yamila, kodwa yasheshe yabuna, ngokuba kwakungekho mswakama. Enye yawela phakathi kwameva; akhula kanye nayo, ayiminyanisa. Enye yawela emhlabathini ovundileyo; yamila, yathela izithelo ngekhulu.” Washo lokhu, wayesememeza ethi: “Onezindlebe zokuzwa makezwe.”