Kwabuthana ndawonye isixuku esikhulu sivela emizini ngemizi, size kuye. Wayesekhuluma ngomzekeliso, wathi: “Kwaphuma umhlwanyeli wayohlwanyela imbewu yakhe. Ekuhlwanyeleni kwakhe, enye imbewu yawela ngasendleleni; yanyathelwa, zayidla nezinyoni zezulu. Enye yawela edwaleni; yamila, kodwa yasheshe yabuna, ngokuba kwakungekho mswakama. Enye yawela phakathi kwameva; akhula kanye nayo, ayiminyanisa. Enye yawela emhlabathini ovundileyo; yamila, yathela izithelo ngekhulu.” Washo lokhu, wayesememeza ethi: “Onezindlebe zokuzwa makezwe.”
Funda NgokukaLuka 8
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 8:4-8
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo