NgokukaLuka 8:1-7,9-39

Luka 8:9-39 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Abafundi bakhe basebembuza besithi: Ungaba uyini lumfanekiso? Wathi: “Niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kepha kwabanye ngemifanekiso; ukuze bebona bangaboni, lokuzwa bangaqedisisi. Umfanekiso yilokhu: Imbewu iyizwi likaNkulunkulu. Abasendleleni yilabo abezwayo; bese kufika uSathane, alisuse izwi ezinhliziyweni zabo, funa bakholwe, basindiswe. Labasedwalani yilabo abathi, lapho belizwa, balamukele izwi ngokuthokoza; kepha laba kabanampande, abakholwa isikhashana, kuthi ngesikhathi sokulingwa bawa. Leyo eyawela emeveni yilabo abathi sebezwile, bahambe baminyaniswe yizinkathazo nengcebo nezinjabulo zalokhukuphila, bangathelisithelo. Kodwa esemhlabathini omuhle, yilabo abathi belizwile izwi, baligcine ngenhliziyo enhle nelungileyo, bathele izithelo ngokubekezela. Akakho othi esokhela isibani, asimboze ngesitsha, noma asibeke ngaphansi kombhede; kodwa ulubeka othini lwesibane, ukuze abangenayo babone ukukhanya. Ngokuba akukho okusithekile okungayikubonakaliswa; futhi okufihliweyo okungayikwaziwa nokuphumela obala. Ngakho qaphelani ukuthi nizwa kanjani, ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa; futhi lowo ongenakho uyothathwa kuye ngisho nalokho angathi unakho. Kwase kufika kuye unina nabafowabo, kepha behluleka ukufinyelela kuye ngenxa yesixuku. Wabikelwa ukuthi: “Unyoko nabafowenu bemi ngaphandle befuna ukukubona. Wasephendula wathi kubo: Umama labafowethu yilaba abalizwayo ilizwi likaNkulunkulu balenze. Kwathi ngolunye usuku wangena emkhunjini kanye nabafundi bakhe, wathi kubo: “Asiwele siye ngaphesheya kolwandle. Base bephuma. Kwathi besahamba ngomkhumbi walala ubuthongo; basebegcwaliswa ngamanzi, baba sengozini. Basebesondela bamvusa, besithi: Nkosi, nkosi, siyabhubha. Wasevuka, wawukhuza umoya lokuzanyaza kwamanzi; Wathi kubo: “Kuphi ukukholwa kwenu na? Besaba bamangala, bathi omunye komunye: “Umuntu onjani lo? ngoba uyala ngisho imimoya namanzi, futhi kuyamlalela. Bafika ezweni lamaGadara, elibhekene neGalile. Esephumele emhlabathini, kwamhlangabeza indoda ethile evela emzini, eyayinamademoni isikhathi eside, ingagqoki, ingahlali endlini, kodwa emathuneni. Yathi imbona uJesu, yamemeza yawa phansi phambi kwakhe, yathi ngezwi elikhulu: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? ngiyakuncenga, ungangihluphi. (Ngokuba wayeyalile umoya ongcolileyo ukuba uphume kumuntu, ngokuba wawumbambe kaningi, eboshiwe ngamaketanga nangamaketanga, wazigqabula izibopho, waqhutshelwa nguSathane ehlane.) UJesu wambuza wathi: “Ungubani igama lakho na? Wathi: “ILegiyoni, ngokuba amademoni amaningi abengene kuye. Zamncenga ukuthi angazilaya ukuthi ziphumele ekujuleni. Kwakukhona lapho umhlambi wezingulube eziningi ziklabile entabeni, zamcela ukuba azivumele zingene kuzo. Futhi wabavumela. Khona aphuma amademoni kumuntu, angena ezingulubeni; Kwathi ababezalusa bebona okwenzekileyo, babaleka, babika emzini nasemaphandleni. Base bephuma ukuyobona okwenzekileyo; bafika kuJesu, bamfumana umuntu okwakuphume kuye amademoni ehlezi ngasezinyaweni zikaJesu embethe, esangulukile; Lababekubonile babatshela ukuthi okhwelwe ngamadimoni usiliswe njani. Isixuku sonke sesifunda samaGadara samncenga ukuba amuke kubo; ngoba babebanjwe ngukwesaba okukhulu; wasekhwela emkhunjini, wabuya. Kodwa indoda okwakuphume kuyo amadimoni yamncenga ukuthi abe laye; kodwa uJesu wayimukisa, esithi. Buyela endlini yakho, ulandise ukuthi kungakanani uNkulunkulu akwenzele khona. Wamuka, washumayela emzini wonke ukuthi kungakanani uJesu akwenzile kuye.

NgokukaLuka 8:9-39 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Abafundi bakhe bambuza ukuthi uchazani lo mzekeliso na. Wathi: “Nina ninikezwe ukuba nazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kodwa abanye batshelwa ngemizekeliso, ukuze kuthi bebona, kodwa bangabonisisi, bathi bezwa, kepha bangaqondi. “Nakhu-ke okuqondwe yilo mzekeliso: imbewu iyizwi likaNkulunkulu. Abangasendleleni, yilabo abathi sebelizwile, izwi, bese kufika uSathane, alisuse enhliziyweni yabo, funa bathi bangakholwa, basindiswe. Abasedwaleni, yilabo okuthi lapho belizwa izwi, balamukele ngokuthokoza, kodwa laba kabanampande, bayakholwa isikhashana, kuthi uma kufika isikhathi sokulingwa bahlubuke. Abawele emeveni, yilabo okuthi sebelizwile izwi, bahambe, baminyaniswe yiminako, yingcebo, nenjabulo yokuphila, bangatheli izithelo eziqhamileyo. Abasemhlabathini ovundileyo, yilabo abathi uma sebelizwile izwi, balamukele, babambelele kulo ngenhliziyo eqotho nelungileyo, kuthi ngokubekezela, bathele izithelo. “Akekho othi angokhela isibani, bese esimboza ngesitsha noma asibeke phansi kombhede, kodwa usifaka othini, ukuze abangenayo babone ukukhanya. Ngokuba akukho okufihliweyo okungayukuvela obala, nokuyisifuba okungayukudaluleka, kube sobala. Ngakho-ke qaphelani ukuthi nizwa kanjani, ngokuba yilowo nalowo onakho, uyakuphiwa, kodwa lowo ongenakho, uyakwemukwa nalokho anakho.” Kwase kufika kuye unina nabafowabo, kepha behluleka ukufinyelela kuye ngenxa yesixuku. Wabikelwa ukuthi: “Unyoko nabafowenu bami ngaphandle, bafuna ukukubona.” Kepha waphendula, wathi kubo: “Umame nabafowethu yilabo abathi bangalizwa izwi likaNkulunkulu, balenze.” Kwathi ngolunye usuku uJesu wagibela esikebheni nabafundi bakhe, wayesethi kubo: “Ake siwelele ngaphesheya kolwandle.” Basuka-ke. Besagwedla, bewelela ngaphesheya ngesikebhe, uJesu wazunywa ngubuthongo, walala. Kwase kuhlasela isivunguvungu somoya olwandle, isikebhe sagcwala amanzi, baze baba sengozini. Base besondela kuye, bamvusa bethi: “Nkosi, Nkosi, siyafa.” Wavuka, wawukhuza umoya namagagasi agubhayo. Kwanqamuka, kwathula kwathi du. Wayesethi kubo: “Kuphi ukukholwa kwenu na?” Besaba; bamangala, bathi omunye komunye: “Ngubani kanti lo okhuza umoya namanzi, kumlalele na?” Bafika ngesikebhe ezweni lamaGerasa, elimaqondana neGalile. Esehlele emhlabathini, indoda ethile eyayinamadimoni, ivela emzini, yamhlangabeza. Kwase kuyisikhathi lowo muntu engasagqoki lutho, futhi engasahlali ekhaya kodwa ehlala emathuneni. Lowo muntu, embona uJesu, wadazuluka, wayesewa phansi phambi kwakhe, washo ngezwi elikhulu wathi: “Ufunani kimi, Jesu Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke na? Ngiyakuncenga, ungangihluphi,” ngokuba uJesu wayesewuyalile lo moya omubi ukuba uphume kulo muntu. Izikhathi eziningi, lo moya wawusumbambe kaningana, kwale noma eseboshwe ngozankosi nangamaketango ezinyaweni, eqashelwe. Wayezigqabula izibopho; wayeqhutshwa yilawo madimoni, amuyise ehlane. UJesu wambuza wathi: “Ungubani igama lakho?” Wathi: “NginguLegiyona,” ngenxa yokuba kwakungene kuye amadimoni amaningi. Kepha amadimoni amncenga ukuba angawayali ukuya kwalasha. Kwakukhona budebuduze entabeni umhlambi omkhulu wezingulube owawuklabe lapho. Amncenga ukuba awavumele ukuba angene kuzo, nempela wawavumela. Ngakho-ke amadimoni aphuma kulowo muntu, angena ezingulubeni; umhlambi wabaleka wakhalakathela eweni olwandle, waminza. Ababelusile bebona okwenzekileyo, babaleka bayobika emzini nasemakhaya. Baphuma ukuyozibonela okwenzekileyo, bafika kuJesu, bafica umuntu obenamadimoni ehleli ezinyaweni zikaJesu, idimoni seliphumile kuye, egqokile futhi ingqondo yakhe ibuye ngokuphelele, baba nokwesaba. Ababezibonele ngawabo, babatshela ukusuka nokuhlala kwendaba ukuthi wayesinde kanjani obekade ephethwe ngamadimoni. Bonke abantu, nomakhelwane baseGerasa, bamcela ukuba asuke kubo, ahambe, ngokuba babekhungethwe ngukwesaba okukhulu. Ngakho-ke uJesu wangena esikebheni, wabuyela lapho ayevela khona. Indoda okwakuphume kuyo amadimoni yamnxusa ukuba ahambe nayo, kodwa wayibuyisela emuva, ethi: “Buyela ekhaya, ubalandise ukuthi uNkulunkulu ukwenzele ini.” Nempela yahamba yabalandisa emzini wakubo wonke, ukuthi kungakanani uJesu ayeyenzele khona.

NgokukaLuka 8:9-39 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Abafundi bakhe bambuza ukuthi ungaba yini lowo mfanekiso na? Wathi-ke: “Niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kepha abanye bakuphiwa ngemifanekiso ukuba bebona bangaboni, bezwa bangaqondi. “Umfanekiso yilokhu-ke: imbewu iyizwi likaNkulunkulu. Abangasendleleni yilabo abathi sebezwile, bese kufika uSathane, alisuse izwi enhliziyweni yabo ukuba bangakholwa, basindiswe. Abasedwaleni yilabo abathi sebezwile, balamukele izwi ngokuthokoza; kepha laba kabanampande, bakholwa isikhashana nje, kuthi ngesikhathi sokulingwa bahlubuke. Okuwele phakathi kwameva yilabo abathi sebezwile, bahambe, baminyaniswe ngeminako nengcebo nezinjabulo zokuphila, bangatheli izithelo ezivuthiwe. Okusemhlabathini omuhle yilabo abathi belizwile izwi, balibambe ngenhliziyo enhle nelungileyo, bathele izithelo ngokubekezela. “Akakho othi esokhela isibani, asimboze ngesitsha nokuba asibeke phansi kombhede, kepha usifaka othini, ukuze abangenayo babone ukukhanya. Ngokuba akukho okusithekileyo okungayikuhlaluka nokuyisifuba okungayikwaziwa, kube sobala. Ngakho-ke anobheka ukuba nizwa kanjani; ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa; kepha lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho athi unakho.” Kwase kufika kuye unina nabafowabo, kepha behluleka ukufinyelela kuye ngenxa yesixuku. Wabikelwa ukuthi: “Unyoko nabafowenu bemi ngaphandle befuna ukukubona.” Kepha waphendula, wathi kubo: “Umame nabafowethu yilabo abalizwa izwi likaNkulunkulu, balenze.” Kwathi-ke ngolunye lwalezo zinsuku wangena emkhunjini, yena kanye nabafundi bakhe, wathi kubo: “Asiwele siye ngaphesheya kolwandle.” Basuka-ke. Kuthe besahamba ngomkhumbi, walala ubuthongo; kwehlela-ke isivunguvungu somoya elwandle, bagcwala amanzi, babesengozini. Base besondela, bamvusa bathi: “Nkosi, Nkosi, safa.” Wavuka-ke, wakhuza umoya nokugubha kwamanzi. Kwanqamuka, kwathula kwathi du. Wayesethi kubo: “Kuphi ukukholwa kwenu na?” Besaba; bamangala, bathi omunye komunye: “Ungubani lo ukuba ayale nomoya namanzi, kumlalele?” Bafika ngomkhumbi ezweni lamaGerasa elibhekene neGalile. Esephumele emhlabathini, kwamhlangabeza indoda ethile yomuzi eyayinamademoni; kwase kuyisikhathi eside ingembathi ngubo, ingahlali endlini kodwa emathuneni. Isimbona uJesu yadazuluka, yawa phansi phambi kwakhe, yathi ngezwi elikhulu: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngiyakuncenga, ungangihluphi.” Ngokuba wayala umoya ongcolileyo ukuba aphume kulowo muntu. Ngokuba wayesembambe kaningi; walindwa eboshwe ngawozankosi nangamaketanga ezinyawo; kepha wathi esegqabule izibopho, waqhutshelwa yidemoni ehlane. UJesu wambuza wathi: “Ungubani igama lakho?” Wathi: “ULegiyona,*” ngokuba amademoni amaningi ayengene kuye. Amncenga ukuba angawayali ukuya kwalasha. Kwakukhona lapho umhlambi wezingulube eziningi ziklabile entabeni; amncenga ukuba awavumele angene kuzo; wawavumela. Aphuma-ke amademoni kuye umuntu, angena ezingulubeni, umhlambi wagulukudela eweni, waphonseka elwandle, waminza. Kwathi ababezalusa bebona okwenzekileyo, babaleka, bakubika emzini nasemaphandleni. Khona baphuma ukuyobona okwenzekileyo, bafika kuJesu, bamfumanisa umuntu okuphume kuye amademoni ehlezi ngasezinyaweni zikaJesu embethe, esangulukile; bashaywa luvalo. Ababekubonile babatshela ukuthi usinde kanjani owayekhwelwe ngamademoni. Abantu bonke bakulelo zwe lamaGerasa bamcela ukuba amuke kubo, ngokuba babephethwe ngukwesaba okukhulu; yena wayesengena emkhunjini, waphindela emuva. Kepha indoda okuphume kuyo amademoni yamnxusa ukuba ibe naye; kodwa wayimukisa, ethi: “Buyela ekhaya, ulande ukuthi kungakanani uNkulunkulu akwenzele khona.” Wamuka elanda emzini wonke ngokuthi kungakanani abekwenzelwe nguye uJesu.

Luka 8:9-39 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Abafundi bakhe basebembuza besithi: Ungaba uyini lumfanekiso? Wathi: “Niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kepha kwabanye ngemifanekiso; ukuze bebona bangaboni, lokuzwa bangaqedisisi. Umfanekiso yilokhu: Imbewu iyizwi likaNkulunkulu. Abasendleleni yilabo abezwayo; bese kufika uSathane, alisuse izwi ezinhliziyweni zabo, funa bakholwe, basindiswe. Labasedwalani yilabo abathi, lapho belizwa, balamukele izwi ngokuthokoza; kepha laba kabanampande, abakholwa isikhashana, kuthi ngesikhathi sokulingwa bawa. Leyo eyawela emeveni yilabo abathi sebezwile, bahambe baminyaniswe yizinkathazo nengcebo nezinjabulo zalokhukuphila, bangathelisithelo. Kodwa esemhlabathini omuhle, yilabo abathi belizwile izwi, baligcine ngenhliziyo enhle nelungileyo, bathele izithelo ngokubekezela. Akakho othi esokhela isibani, asimboze ngesitsha, noma asibeke ngaphansi kombhede; kodwa ulubeka othini lwesibane, ukuze abangenayo babone ukukhanya. Ngokuba akukho okusithekile okungayikubonakaliswa; futhi okufihliweyo okungayikwaziwa nokuphumela obala. Ngakho qaphelani ukuthi nizwa kanjani, ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa; futhi lowo ongenakho uyothathwa kuye ngisho nalokho angathi unakho. Kwase kufika kuye unina nabafowabo, kepha behluleka ukufinyelela kuye ngenxa yesixuku. Wabikelwa ukuthi: “Unyoko nabafowenu bemi ngaphandle befuna ukukubona. Wasephendula wathi kubo: Umama labafowethu yilaba abalizwayo ilizwi likaNkulunkulu balenze. Kwathi ngolunye usuku wangena emkhunjini kanye nabafundi bakhe, wathi kubo: “Asiwele siye ngaphesheya kolwandle. Base bephuma. Kwathi besahamba ngomkhumbi walala ubuthongo; basebegcwaliswa ngamanzi, baba sengozini. Basebesondela bamvusa, besithi: Nkosi, nkosi, siyabhubha. Wasevuka, wawukhuza umoya lokuzanyaza kwamanzi; Wathi kubo: “Kuphi ukukholwa kwenu na? Besaba bamangala, bathi omunye komunye: “Umuntu onjani lo? ngoba uyala ngisho imimoya namanzi, futhi kuyamlalela. Bafika ezweni lamaGadara, elibhekene neGalile. Esephumele emhlabathini, kwamhlangabeza indoda ethile evela emzini, eyayinamademoni isikhathi eside, ingagqoki, ingahlali endlini, kodwa emathuneni. Yathi imbona uJesu, yamemeza yawa phansi phambi kwakhe, yathi ngezwi elikhulu: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? ngiyakuncenga, ungangihluphi. (Ngokuba wayeyalile umoya ongcolileyo ukuba uphume kumuntu, ngokuba wawumbambe kaningi, eboshiwe ngamaketanga nangamaketanga, wazigqabula izibopho, waqhutshelwa nguSathane ehlane.) UJesu wambuza wathi: “Ungubani igama lakho na? Wathi: “ILegiyoni, ngokuba amademoni amaningi abengene kuye. Zamncenga ukuthi angazilaya ukuthi ziphumele ekujuleni. Kwakukhona lapho umhlambi wezingulube eziningi ziklabile entabeni, zamcela ukuba azivumele zingene kuzo. Futhi wabavumela. Khona aphuma amademoni kumuntu, angena ezingulubeni; Kwathi ababezalusa bebona okwenzekileyo, babaleka, babika emzini nasemaphandleni. Base bephuma ukuyobona okwenzekileyo; bafika kuJesu, bamfumana umuntu okwakuphume kuye amademoni ehlezi ngasezinyaweni zikaJesu embethe, esangulukile; Lababekubonile babatshela ukuthi okhwelwe ngamadimoni usiliswe njani. Isixuku sonke sesifunda samaGadara samncenga ukuba amuke kubo; ngoba babebanjwe ngukwesaba okukhulu; wasekhwela emkhunjini, wabuya. Kodwa indoda okwakuphume kuyo amadimoni yamncenga ukuthi abe laye; kodwa uJesu wayimukisa, esithi. Buyela endlini yakho, ulandise ukuthi kungakanani uNkulunkulu akwenzele khona. Wamuka, washumayela emzini wonke ukuthi kungakanani uJesu akwenzile kuye.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo