NgokukaLuka 8:1-7, 9-39

NgokukaLuka 8:1-7 ZUL20

Emveni kwalokho, uJesu wahamba ephuma engena emizini nasemizaneni, ememezela, eshumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu. Abali-12 babenaye. Kwakukhona nabanye besifazane ababephulukiswe komoya ababi nasezifweni: kwakungoMariya obizwa ngoMagdalena, okwakuphume kuye amadimoni ayisikhombisa, uJowana umkaKhuza, induna kaHerodi, uSusana, nabanye abaningi ababebalekelela ngalokho ababenakho. Kwabuthana ndawonye isixuku esikhulu sivela emizini ngemizi, size kuye. Wayesekhuluma ngomzekeliso, wathi: “Kwaphuma umhlwanyeli wayohlwanyela imbewu yakhe. Ekuhlwanyeleni kwakhe, enye imbewu yawela ngasendleleni; yanyathelwa, zayidla nezinyoni zezulu. Enye yawela edwaleni; yamila, kodwa yasheshe yabuna, ngokuba kwakungekho mswakama. Enye yawela phakathi kwameva; akhula kanye nayo, ayiminyanisa.

NgokukaLuka 8:9-39 ZUL20

Abafundi bakhe bambuza ukuthi uchazani lo mzekeliso na. Wathi: “Nina ninikezwe ukuba nazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kodwa abanye batshelwa ngemizekeliso, ukuze kuthi bebona, kodwa bangabonisisi, bathi bezwa, kepha bangaqondi. “Nakhu-ke okuqondwe yilo mzekeliso: imbewu iyizwi likaNkulunkulu. Abangasendleleni, yilabo abathi sebelizwile, izwi, bese kufika uSathane, alisuse enhliziyweni yabo, funa bathi bangakholwa, basindiswe. Abasedwaleni, yilabo okuthi lapho belizwa izwi, balamukele ngokuthokoza, kodwa laba kabanampande, bayakholwa isikhashana, kuthi uma kufika isikhathi sokulingwa bahlubuke. Abawele emeveni, yilabo okuthi sebelizwile izwi, bahambe, baminyaniswe yiminako, yingcebo, nenjabulo yokuphila, bangatheli izithelo eziqhamileyo. Abasemhlabathini ovundileyo, yilabo abathi uma sebelizwile izwi, balamukele, babambelele kulo ngenhliziyo eqotho nelungileyo, kuthi ngokubekezela, bathele izithelo. “Akekho othi angokhela isibani, bese esimboza ngesitsha noma asibeke phansi kombhede, kodwa usifaka othini, ukuze abangenayo babone ukukhanya. Ngokuba akukho okufihliweyo okungayukuvela obala, nokuyisifuba okungayukudaluleka, kube sobala. Ngakho-ke qaphelani ukuthi nizwa kanjani, ngokuba yilowo nalowo onakho, uyakuphiwa, kodwa lowo ongenakho, uyakwemukwa nalokho anakho.” Kwase kufika kuye unina nabafowabo, kepha behluleka ukufinyelela kuye ngenxa yesixuku. Wabikelwa ukuthi: “Unyoko nabafowenu bami ngaphandle, bafuna ukukubona.” Kepha waphendula, wathi kubo: “Umame nabafowethu yilabo abathi bangalizwa izwi likaNkulunkulu, balenze.” Kwathi ngolunye usuku uJesu wagibela esikebheni nabafundi bakhe, wayesethi kubo: “Ake siwelele ngaphesheya kolwandle.” Basuka-ke. Besagwedla, bewelela ngaphesheya ngesikebhe, uJesu wazunywa ngubuthongo, walala. Kwase kuhlasela isivunguvungu somoya olwandle, isikebhe sagcwala amanzi, baze baba sengozini. Base besondela kuye, bamvusa bethi: “Nkosi, Nkosi, siyafa.” Wavuka, wawukhuza umoya namagagasi agubhayo. Kwanqamuka, kwathula kwathi du. Wayesethi kubo: “Kuphi ukukholwa kwenu na?” Besaba; bamangala, bathi omunye komunye: “Ngubani kanti lo okhuza umoya namanzi, kumlalele na?” Bafika ngesikebhe ezweni lamaGerasa, elimaqondana neGalile. Esehlele emhlabathini, indoda ethile eyayinamadimoni, ivela emzini, yamhlangabeza. Kwase kuyisikhathi lowo muntu engasagqoki lutho, futhi engasahlali ekhaya kodwa ehlala emathuneni. Lowo muntu, embona uJesu, wadazuluka, wayesewa phansi phambi kwakhe, washo ngezwi elikhulu wathi: “Ufunani kimi, Jesu Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke na? Ngiyakuncenga, ungangihluphi,” ngokuba uJesu wayesewuyalile lo moya omubi ukuba uphume kulo muntu. Izikhathi eziningi, lo moya wawusumbambe kaningana, kwale noma eseboshwe ngozankosi nangamaketango ezinyaweni, eqashelwe. Wayezigqabula izibopho; wayeqhutshwa yilawo madimoni, amuyise ehlane. UJesu wambuza wathi: “Ungubani igama lakho?” Wathi: “NginguLegiyona,” ngenxa yokuba kwakungene kuye amadimoni amaningi. Kepha amadimoni amncenga ukuba angawayali ukuya kwalasha. Kwakukhona budebuduze entabeni umhlambi omkhulu wezingulube owawuklabe lapho. Amncenga ukuba awavumele ukuba angene kuzo, nempela wawavumela. Ngakho-ke amadimoni aphuma kulowo muntu, angena ezingulubeni; umhlambi wabaleka wakhalakathela eweni olwandle, waminza. Ababelusile bebona okwenzekileyo, babaleka bayobika emzini nasemakhaya. Baphuma ukuyozibonela okwenzekileyo, bafika kuJesu, bafica umuntu obenamadimoni ehleli ezinyaweni zikaJesu, idimoni seliphumile kuye, egqokile futhi ingqondo yakhe ibuye ngokuphelele, baba nokwesaba. Ababezibonele ngawabo, babatshela ukusuka nokuhlala kwendaba ukuthi wayesinde kanjani obekade ephethwe ngamadimoni. Bonke abantu, nomakhelwane baseGerasa, bamcela ukuba asuke kubo, ahambe, ngokuba babekhungethwe ngukwesaba okukhulu. Ngakho-ke uJesu wangena esikebheni, wabuyela lapho ayevela khona. Indoda okwakuphume kuyo amadimoni yamnxusa ukuba ahambe nayo, kodwa wayibuyisela emuva, ethi: “Buyela ekhaya, ubalandise ukuthi uNkulunkulu ukwenzele ini.” Nempela yahamba yabalandisa emzini wakubo wonke, ukuthi kungakanani uJesu ayeyenzele khona.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo