NgokukaLuka 6:37-38
NgokukaLuka 6:37-38 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ningahluleli, khona aniyikwahlulelwa; ningalahli, khona aniyikulahlwa; Yiphani, khona niyakuphiwa; isilinganiso esihle, esigxishiwe, esigxishiwe, esichichimayo, bayakuninika esifubeni senu. Ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.
NgokukaLuka 6:37-38 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ningahluleli, khona aniyikwahlulelwa; ningalahli, khona aniyikulahlwa; Yiphani, khona niyakuphiwa; isilinganiso esihle, esigxishiwe, esigxishiwe, esichichimayo, bayakuninika esifubeni senu. Ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.
NgokukaLuka 6:37-38 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Ningehluleli, khona ningayukwehlulelwa; ningalahli muntu ngecala, khona ningayukulahlwa ngecala; thethelelani, khona niyakuthethelelwa. Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha eziqabethweni zenu isilinganiso esihle, esigxishiweyo, sashukuziswa, sagcwala phama, ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso, nani niyakulinganiselwa ngaso.”
NgokukaLuka 6:37-38 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Ningahluleli, khona anisoze nahlulelwa; ningalahli, khona anisoze nalahlwa; thethelelani, khona niyakuthethelelwa. Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha esifubeni senu isilinganiso esihle, esigxushiweyo, esigqishiweyo, esichichimayo; ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.”