NgokukaLuka 6:12-16
NgokukaLuka 6:12-16 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi ngalezo zinsuku waphuma waya entabeni ukuyokhuleka; wahlala ubusuku bonke ekhuleka kuNkulunkulu. Kwathi sekusile, wabizela kuye abafundi bakhe, wakhetha kubo abayishumi nambili, wabaqamba futhi ngokuthi abaphostoli; uSimoni owaqamba laye ngokuthi nguPetro, loAndreya umfowabo, uJakobe, loJohane, loFiliphu, loBartolomewu, uMathewu loTomasi, uJakobe kaAlfewu, loSimoni othiwa nguZelote, noJuda umfowabo kaJakobe, noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo.
NgokukaLuka 6:12-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi ngalezo zinsuku uJesu waphuma waya entabeni eyokhuleka; wahlala ubusuku bonke ekhuleka kuNkulunkulu. Kuthe sekusile, wababiza abafundi bakhe, wakhetha kubo abali-12, wababiza ngokuthi abaphostoli: USimoni owamqamba wathi nguPhethro, abanye kwakungo-Andreya umfowabo, uJakobe, uJohane, uFiliphu, uBhartholomewu, uMathewu, uThomase, uJakobe ka-Alifewu, uSimoni okuthiwa isishisekeli, uJuda kaJakobe, noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo.
NgokukaLuka 6:12-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi ngalezo zinsuku waphuma waya entabeni ukuyokhuleka; wahlala ubusuku bonke ekhuleka kuNkulunkulu. Kwathi sekusile, wababiza abafundi bakhe, wakhetha kubo abayishumi nambili, wabaqamba ngokuthi abaphostoli: uSimoni owamqamba ngokuthi uPetru, no-Andreya umfowabo, noJakobe, noJohane, noFiliphu, noBartolomewu, noMathewu, noTomase, noJakobe ka-Alfewu, noSimoni othiwa isishisekeli, noJuda kaJakobe, noJuda Iskariyothe owaba ngumkhapheli.
NgokukaLuka 6:12-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)