NgokukaLuka 5:5-11
NgokukaLuka 5:5-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
USimoni waphendula wathi: “Nkosi, sishikile ubusuku bonke, asibambanga lutho; kepha ngezwi lakho ngiyakuwehlisa amanetha.” Sebekwenzile lokho babamba izinhlanzi eziningi kakhulu, aze agqabuka amanetha abo. Babaqhweba omana babo abakomunye umkhumbi ukuba beze, bababambise. Beza-ke, bayigcwalisa imikhumbi yomibili, yaze yathi ayizike. Kuthe uSimoni Petru ekubona lokho, waziphonsa phansi ngasemadolweni kaJesu, wathi: “Suka kimi, Nkosi, ngokuba ngingumuntu oyisoni.” Ngokuba ubehlelwa ngukwesaba, yena kanye nabo bonke ababe naye, ngobuningi bezinhlanzi ababezibambile, kanjalo-ke noJakobe noJohane amadodana kaZebedewu ababesebenzisana noSimoni. UJesu wathi kuSimoni: “Ungesabi; kusukela manje uzakubamba abantu.” Sebeyilethile imikhumbi emhlabathini bashiya konke, bamlandela.
NgokukaLuka 5:5-11 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
USimoni waphendula wathi kuye: “Rabi, sishikile ubusuku bonke, asibambanga lutho; Sebekwenzile lokho babamba izinhlanzi eziningi kakhulu, lagqabhuka inetha labo. Baqhweba abalingane babo ababekomunye umkhumbi, ukuba beze babasize. Beza, bayigcwalisa imikhumbi yomibili, yaze yaqala ukucwila. USimoni Petru ekubona, wawa phansi emadolweni kaJesu, wathi: “Suka kimi; ngoba ngingumuntu oyisoni, Nkosi. Ngokuba wamangala yena nabo bonke ababe naye ngokubanjiswa kwezinhlanzi ababezibambile. Ngokunjalo noJakobe noJohane, amadodana kaZebedewu, ababengabambisene noSimoni. UJesu wasesithi kuSimoni: Ungesabi; kusukela khathesi uzakubamba abantu. Sebeyifikisile imikhumbi emhlabathini, bashiya konke, bamlandela.
NgokukaLuka 5:5-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimoni waphendula, wathi: “Nkosi, sisebenze ubusuku bonke, kodwa asibambanga lutho. Kepha njengoba usho, ngizakuwehlisa amanetha.” Sebekwenzile lokho babamba izinhlanzi eziningi kakhulu, aze amanetha abo aqala ukudabuka. Baqhweba abangani babo abakwesinye isikebhe ukuba beze, babasize. Beza-ke, bagcwalisa zombili izikebhe, zaze zacishe zazika. Kuthe uSimoni Phethro ekubona lokho, waziphonsa phansi ngasemadolweni kaJesu, wathi: “Suka kimi, Nkosi, ngokuba ngingumuntu oyisoni.” Phela yena kanye nabo bonke bamangaliswa ukubona ubuningi bezinhlanzi ababezibambile, kanjalo noJakobe noJohane amadodana kaZebedewu ababesizana noSimoni. UJesu wathi kuSimoni: “Ungesabi; kusukela manje usuzakudoba abantu.” Kuthe izikebhe sebezisondeze emhlabathini, bashiya phansi konke, bamlandela uJesu.
NgokukaLuka 5:5-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)