NgokukaLuka 5:36-39
NgokukaLuka 5:36-39 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Wayesebalandisa nomfanekiso; Akakho obekela isiziba sengubo entsha engutsheni endala; uma kungenjalo, esitsha siyaklebhuka, nesiqeshana esikhishwe kwesitsha asihambisani nendala. Akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala; uba-ke iwayini elitsha lizaqhuma izimvaba, lichitheke, lezimvaba zonakale. Kodwa iwayini elisha limelwe ukuthelwa ezimvabeni ezintsha; futhi zombili ziyalondolozwa. Akakho othi ephuze iwayini elidala ahle afune elisha, ngokuba uthi: Elidala lingcono
NgokukaLuka 5:36-39 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wabatshela futhi nomzekeliso othi: “Akukho muntu oklebhula isichibi engutsheni entsha achibele ngaso ingubo endala. Uma enza lokho, zombili ziyakuklebhuka, isichibi esisha siklebhule ingubo endala. Akukho muntu futhi othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa iwayini elisha lidabule izimvaba, lichitheke, bese konakala nezimvaba. Kepha iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha. Akukho muntu othi esephuze iwayini elidala, abuye afune elisha, ngokuba uthi elidala limnandi.”
NgokukaLuka 5:36-39 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wabatshela nomfanekiso wokuthi: “Akakho odabula isiziba engutsheni entsha, asibekele engutsheni endala; uma enza lokho, uyayona entsha, futhi isiziba sentsha asizukuzwana nendala. Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala funa iwayini elisha liqhumise izimvaba, lichitheke lona, nezimvaba zonakale. Kodwa iwayini elisha limelwe ukuthelwa ezimvabeni ezintsha. Akakho othi ephuze iwayini elidala, afune elisha, ngokuba uthi elidala limnandi.”
NgokukaLuka 5:36-39 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)