NgokukaLuka 5:1-16
NgokukaLuka 5:1-16 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi isixuku simcindezela ukuba sizwe izwi likaNkulunkulu, wayemi ngaselwandle lwaseGenesaretha. Wabona imikhumbi emibili imi ngaselwandle, kepha abadobi babephumile kuyo, begeza amanetha abo. Wasengena komunye wemikhumbi, owawungokaSimoni, wamcela ukuthi awususe kancane emhlabathini. Wahlala phansi, wafundisa abantu esemkhunjini. Kwathi eseqedile ukukhuluma, wathi kuSimoni: Qhubekela ekujuleni, lehlise amanetha enu, libambe. USimoni waphendula wathi kuye: “Rabi, sishikile ubusuku bonke, asibambanga lutho; Sebekwenzile lokho babamba izinhlanzi eziningi kakhulu, lagqabhuka inetha labo. Baqhweba abalingane babo ababekomunye umkhumbi, ukuba beze babasize. Beza, bayigcwalisa imikhumbi yomibili, yaze yaqala ukucwila. USimoni Petru ekubona, wawa phansi emadolweni kaJesu, wathi: “Suka kimi; ngoba ngingumuntu oyisoni, Nkosi. Ngokuba wamangala yena nabo bonke ababe naye ngokubanjiswa kwezinhlanzi ababezibambile. Ngokunjalo noJakobe noJohane, amadodana kaZebedewu, ababengabambisene noSimoni. UJesu wasesithi kuSimoni: Ungesabi; kusukela khathesi uzakubamba abantu. Sebeyifikisile imikhumbi emhlabathini, bashiya konke, bamlandela. Kwasekusithi esemzini othile, khangela, indoda egcwele ubulephero, yathi imbona uJesu yawa ngobuso, yamncenga yathi: Nkosi, uba uthanda, ungangihlambulula. Waseselula isandla, wamphatha, wathi: Ngiyathanda, hlambuluka. Masinyane uchoko lwasuka kuye. Wamlaya ukuthi angatsheli muntu, kodwa hamba uziveze kumpristi, unikele ngokuhlanjululwa kwakho, njengokulaya kukaMozisi, kube ngubufakazi kubo. Kodwa kwayikhona udumo lwakhe lwanda, kwabuthana izixuku ukuzolalela nokuphulukiswa nguye ezifweni zazo. Wayesesuka waya ehlane wakhuleka.
NgokukaLuka 5:1-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi uJesu emi ngasolwandle iGenezaretha, isixuku samngunga ukuze sizwe izwi likaNkulunkulu. Wabona izikebhe ezimbili zimi ngasolwandle, abadobi babengekho kuzo, besahlanza amanetha. Wangena kwesinye sezikebhe okwakungesikaSimoni, wamcela ukuba athi ukuqhela kancane emhlabathini. UJesu wahlala phansi, wasifundisa isixuku esesikebheni. Eseqedile ukukhuluma, wathi kuSimoni: “Qhubekela ekujuleni, nehlise amanetha enu, nibambe.” USimoni waphendula, wathi: “Nkosi, sisebenze ubusuku bonke, kodwa asibambanga lutho. Kepha njengoba usho, ngizakuwehlisa amanetha.” Sebekwenzile lokho babamba izinhlanzi eziningi kakhulu, aze amanetha abo aqala ukudabuka. Baqhweba abangani babo abakwesinye isikebhe ukuba beze, babasize. Beza-ke, bagcwalisa zombili izikebhe, zaze zacishe zazika. Kuthe uSimoni Phethro ekubona lokho, waziphonsa phansi ngasemadolweni kaJesu, wathi: “Suka kimi, Nkosi, ngokuba ngingumuntu oyisoni.” Phela yena kanye nabo bonke bamangaliswa ukubona ubuningi bezinhlanzi ababezibambile, kanjalo noJakobe noJohane amadodana kaZebedewu ababesizana noSimoni. UJesu wathi kuSimoni: “Ungesabi; kusukela manje usuzakudoba abantu.” Kuthe izikebhe sebezisondeze emhlabathini, bashiya phansi konke, bamlandela uJesu. Kwathi ekomunye wemizi; kwafika indoda eyayigcwele uchoko. Kuthe imbona uJesu, yawa ngobuso, yamnxusa ithi: “Nkosi, uma uthanda ungangihlambulula.” UJesu welula isandla sakhe, wayithinta, wathi: “Ngiyathanda, hlambuluka.” Masinyane uchoko lwaphela kuyo. Wayiyala ukuba ingatsheli muntu, kepha wathi: “Hamba, uzibonakalise kumphristi, unikele umnikelo wokuhlanjululwa kwakho njengalokhu uMose wayala, kube ngubufakazi kubo.” Kepha imibiko ngaye yasabalala kakhulu. Izixuku eziningi zaba naye ukuze zilalele, futhi ziphulukiswe ezifweni zazo. Kepha uJesu wamonyuka, waya ehlane, ukuyokhuleka.
NgokukaLuka 5:1-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi isixuku simbunganyela ukuba sizwe izwi likaNkulunkulu, wayemi ngaselwandle lwaseGenesaretha, wabona imikhumbi emibili imi ngaselwandle; abadobi babephumile kuyo behlanza amanetha. Esengene komunye wemikhumbi ongokaSimoni wamcela ukuba asuke kancane emhlabathini. Wahlala phansi, wabafundisa abantu esemkhunjini. Kuthe esegcinile ukukhuluma, wathi kuSimoni: “Qhubekela ekujuleni, nehlise amanetha enu, nibambe.” USimoni waphendula wathi: “Nkosi, sishikile ubusuku bonke, asibambanga lutho; kepha ngezwi lakho ngiyakuwehlisa amanetha.” Sebekwenzile lokho babamba izinhlanzi eziningi kakhulu, aze agqabuka amanetha abo. Babaqhweba omana babo abakomunye umkhumbi ukuba beze, bababambise. Beza-ke, bayigcwalisa imikhumbi yomibili, yaze yathi ayizike. Kuthe uSimoni Petru ekubona lokho, waziphonsa phansi ngasemadolweni kaJesu, wathi: “Suka kimi, Nkosi, ngokuba ngingumuntu oyisoni.” Ngokuba ubehlelwa ngukwesaba, yena kanye nabo bonke ababe naye, ngobuningi bezinhlanzi ababezibambile, kanjalo-ke noJakobe noJohane amadodana kaZebedewu ababesebenzisana noSimoni. UJesu wathi kuSimoni: “Ungesabi; kusukela manje uzakubamba abantu.” Sebeyilethile imikhumbi emhlabathini bashiya konke, bamlandela. Kwathi ekomunye wemizi, bheka, nanso indoda egcwele uchoko. Kuthe embona uJesu, wawa ngobuso, wamnxusa wathi: “Nkosi, uma uthanda, ungangihlambulula.” Welula isandla sakhe, wamphatha, wathi: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Masinyane uchoko lwasuka kuye. Wamyala ukuba angatsheli muntu, wathi: “Kepha suka, uzibonakalise kumpristi, unikele ngokuhlanjululwa kwakho, njengalokho uMose akuyalayo, kube ngubufakazi kubo.” Kwayilapho ukukhuluma ngaye kwanda kakhulu. Zabuthana izixuku eziningi ukuzwa nokuphulukiswa ezifweni zazo. Kepha yena wamonyukela ehlane, wakhuleka.
NgokukaLuka 5:1-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)