NgokukaLuka 24:25-32
NgokukaLuka 24:25-32 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wayesethi kubo: “O nina eningaqondiyo nenilibele enhliziyweni ukukholwa yikho konke abakushilo abaprofethi! UKristu ubengamelwe yini ukuhlupheka ngalokho, aze angene enkazimulweni yakhe na?” Wayesethathela kuMose nakubaprofethi bonke, wabachasisela emibhalweni okuqondene naye. Base besondela emzaneni ababeya kuwo yena washaya sengathi udlulela phambili. Bamncengisisa bathi: “Hlala nathi, ngokuba sekuzakuhlwa, nemini isiyadlula.” Wangena wahlala nabo. Kwathi esehlezi nabo ekudleni, wathabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika. Amehlo abo ayesevuleka, bamazi; wayesenyamalala kubo. Bathi omunye komunye: “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, lapho ekhuluma kithi endleleni, nalapho esivulela imibhalo, na?”
NgokukaLuka 24:25-32 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Wayesethi kubo: “O nina ziwula enilibele enhliziyweni ukukholwa yikho konke abakushilo abaprofethi! UKristu ubengafanele yini ukuba ahlupheke ngalezizinto, aze angene enkazimulweni yakhe? Eqala kuMose nakubaprofethi bonke, wabachasisela emibhalweni okuqondene naye. Base besondela emzaneni ababeya kuwo; yena wenza sengathi udlulela phambili. Kepha bamcindezela, bathi: “Hlala nathi, ngokuba sekuzakuhlwa, nemini isiyadlula. Wangena ukuba ahlale nabo. Kwasekusithi ehlezi labo ekudleni, wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wabanika. Asevuleka amehlo abo, bamazi; wasenyamalala emehlweni abo. Base bethi omunye komunye: “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, lapho ekhuluma kithi endleleni, nalapho esivulela imibhalo, na?
NgokukaLuka 24:25-32 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJesu wayesethi kubo: “Maye, nina eningaqondiyo nenilibele enhliziyweni ukukholwa yikho konke okwashiwo abaphrofethi! Kanti uKhristu ubengamelwe yini ukuba ahlupheke ngalokho, bese engena enkazimulweni yakhe na?” Wayesebachazela konke okusemibhalweni ngaye, kusukela kuMose nakubaphrofethi bonke. Base besondela emzaneni ababeya kuwo. Yena washaya sengathi uyedlula lapho, kodwa bamncengisisa, bathi: “Hlala nathi, ngokuba sekuzakuhlwa, nemini isiyadlula.” Wangena wahlala nabo. Kuthe esehleli nabo sebezokudla, wathatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika sona. Ayesevuleka amehlo abo, bambona ukuthi ungubani, wayesenyamalala kubo. Bathi omunye komunye: “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, ngesikhathi ekhuluma nathi endleleni, esichazela imibhalo na?”
NgokukaLuka 24:25-32 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)