NgokukaLuka 19:41-44
NgokukaLuka 19:41-44 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Esesondele wawubona umuzi, wawukhalela; esithi: Aluba ubusazi lawe ngalolusuku lwakho, izinto zokuthula kwakho! kepha manje zifihliwe emehlweni akho. Ngokuba izinsuku ziyakufikela, lapho izitha zakho ziyokubiyela ngomsele, zikuhaqe, zikuvimbezele nxazonke; Ziyakuwisa phansi wena nabantwana bakho phakathi kwakho; kabayikutshiya ilitshe phezu kwelinye; ngoba ubungasazi isikhathi sokuhanjelwa kwakho.
NgokukaLuka 19:41-44 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi lapho esondela, ewubona umuzi, wawukhalela. Wathi: “Sengathi ngabe nawe ubuwazi ngalolu lusuku, lokho okungakulethela ukuthula. Kepha manje kufihlakele emehlweni akho. Ngokuba uyakufikelwa yizinsuku lapho izitha zakho ziyakwakha ugange, zikuhaqe, zikuvimbezele macala wonke. Zikuqumbe phansi othulini, wena nabantu abanawe; aziyukushiya litshe phezu kwelinye phakathi kwakho. Ngokuba awusazanga isikhathi sokuhanjelwa kwakho.”
NgokukaLuka 19:41-44 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi esondela, ewubona umuzi, wawukhalela. Wathi: “Sengathi nga wazi nawe ngalolu suku okokuthula. Kepha kalokhu kufihlakele emehlweni akho. Ngokuba uyakufikelwa yizinsuku, lapho izitha ziyakukukaka ngodonga lwempi, zikuhaqe, zikuvimbezele nxazonke, zikuwise phansi, wena nabantwana abakuwe, zingashiyi itshe phezu kwetshe phakathi kwakho, ngokuba ungasazanga isikhathi sokuhanjelwa kwakho.”
NgokukaLuka 19:41-44 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)