NgokukaLuka 19:41-44

NgokukaLuka 19:41-44 ZUL20

Kwathi lapho esondela, ewubona umuzi, wawukhalela. Wathi: “Sengathi ngabe nawe ubuwazi ngalolu lusuku, lokho okungakulethela ukuthula. Kepha manje kufihlakele emehlweni akho. Ngokuba uyakufikelwa yizinsuku lapho izitha zakho ziyakwakha ugange, zikuhaqe, zikuvimbezele macala wonke. Zikuqumbe phansi othulini, wena nabantu abanawe; aziyukushiya litshe phezu kwelinye phakathi kwakho. Ngokuba awusazanga isikhathi sokuhanjelwa kwakho.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 19:41-44