NgokukaLuka 18:15-43

NgokukaLuka 18:15-43 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Baletha kuye nabantwana abancane ukuba abathinte; kepha abafundi sebekubona babakhuza. Kepha uJesu wababizela kuye, wathi: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo. Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana kasoze angena kuwo. Umbusi othile wambuza, wathi: “Mfundisi omuhle, ngenzeni ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na? UJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? kakho omuhle, ngaphandle koyedwa, uNkulunkulu. Uyayazi imilayo ethi: Ungafebi, ungabulali, ungebi, ungafakazi amanga, yazisa uyihlo lonyoko. Wathi: “Konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami. UJesu ekuzwa lokho wathi kuye: “Usasilalelwe into eyodwa; thengisa ngakho konke onakho, wabele abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele. Ekuzwa lokho wadabuka kakhulu, ngokuba wayecebile kakhulu. UJesu ebona ukuthi wayelusizi kakhulu wathi: “Kuyakuba lukhuni kangakanani kwabanengcebo ukungena embusweni kaNkulunkulu! Ngokuba kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yenaliti, kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu. Abezwayo bathi: Pho kungasindiswa bani? Wathi: Izinto ezingenzekiyo kubantu ziyenzeka kuNkulunkulu. UPetro wasesithi: Khangela, thina sitshiye konke, sakulandela. Wasesithi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Kakho otshiye indlu, kumbe abazali, kumbe abafowabo, kumbe umkakhe, kumbe abantwana, ngenxa yombuso kaNkulunkulu; ongayikwamukeliswa okuphindwe kaningi kulesi sikhathi, nasezweni elizayo ukuphila okuphakade. Wayesethatha abayishumi nambili, wathi kubo: “Bhekani, sikhuphukela eJerusalema, futhi konke okulotshwe ngabaprofethi ngeNdodana yomuntu kuyakufezeka. Ngokuba iyakukhashelwa kwabezizwe, iklolodelwe, iphathwe kabi, ikhafulelwe; bayakuyishaya, bayibulale, kepha ngosuku lwesithathu izakuvuka. Kodwa bona kabaqedisisanga lutho lwalezozinto, lelizwi lalifihlakele kubo, njalo kabakwazi okwakhulunywayo. Kwathi esondela eJeriko, impumputhe ethile yayihlezi ngasendleleni inxiba; Isizwa isixuku sidlula yabuza ukuthi kuyini. Base beyitshela ukuthi uJesu waseNazaretha uyadlula. Samemeza sathi: Jesu, Ndodana kaDavide, ngihawukele! Ababehamba phambili bamkhuza ukuba bathule; UJesu wema, wayala ukuba silethwe kuye; Esithi: Uthanda ukuthi ngenzeni kuwe? Wasesithi: Nkosi, ukuze ngibone. UJesu wathi kuye: “Bona! Khona masinyane yabona, yamlandela, idumisa uNkulunkulu; nabantu bonke bekubona badumisa uNkulunkulu.

NgokukaLuka 18:15-43 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Baletha futhi kuJesu abantwana ukuba abaphathe; kodwa abafundi bekubona lokho, babakhuza. Kepha uJesu wababiza, ethi: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanje. Ngiqinisile ngithi kini: yilowo nalowo ongawemukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana, kasoze angena kuwo.” Umbusi othile wayesembuza, ethi: “Mfundisi omuhle, ngiyakwenzenjani ukuze ngidle ifa lokuphila okuphakade na?” Kepha uJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? Akekho omuhle, kuphela, uNkulunkulu. Uyayazi imiyalelo ethi: ‘Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafakazi amanga, hlonipha uyihlo nonyoko.’ ” Kepha yena wathi: “Konke lokho ngikugcinile kusukela ebusheni bami.” Esekuzwile lokho, uJesu wathi kuye: “Kunye kuphela okusakusalele: thengisa ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona-ke uzakuba nengcebo ezulwini, bese uza, ungilandele.” Kuthe ekuzwa lokho, waphatheka kabi, ngokuba wayecebe kakhulu. UJesu embona ukuthi ulimele kakhulu, wathi: “Kulukhuni kuyitshe kwabanothileyo ukuba bangene embusweni kaNkulunkulu. Kulula ukuba ikameli lingene ngembobo yosungulo, kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.” Abakuzwayo lokho base bethi: “Pho kuyakusindiswa bani na?” Kepha uJesu wathi kubo: “Okungenzeki kubantu, kungenzeka kuNkulunkulu.” UPhethro wayesethi: “Thina sishiye okungokwethu, sakulandela.” UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: akukho muntu oshiye indlu, noma umkakhe, noma abafowabo, noma abazali, noma abantwana, ngenxa yombuso kaNkulunkulu, ongayukukwamukeliswa okuphindwe kaningi kulesi sikhathi, esikhathini esizayo, ukuphila okuphakade.” Wabasondeza kuye abali-12, wathi kubo: “Lalelani, sikhuphukela eJerusalema; konke okulotshwe ngabaphrofethi maqondana neNdodana yomuntu, kuzakugcwaliseka. Izakukhashelwa kwabezizwe, iklolodelwe, iphathwe kabi, ikhafulelwe ngamathe, bayishaye, bayibulale; kodwa ngosuku lwesithathu, izakuvuka.” Kepha abakuqondanga lokho; leli lizwi laliyimpicabadala kubo, abakuqondanga lokho akushoyo. Kwathi esesondela eJerikho, impumputhe ethile yayihleli ngasendleleni inqiba. Kuthe lapho izwa isixuku sidlula ngakuyo, yabuza yathi: “Ngabe kuyini lokhu na?” Base beyitshela bathi: “NguJesu waseNazaretha owedlulayo.” Yayisimemeza ithi: “Jesu, Ndodana kaDavide, ngihawukele!” Ababehamba ngaphambili bayikhuza ukuba ithule, kodwa kwayilapho isho kakhulu ngengila, ithi: “Ndodana kaDavide, ngihawukele!” UJesu wema, wabayala ukuba bayilethe kuye. Kuthe isisondele wayibuza wathi: “Ufuna ukuba ngikwenzeleni na?” Yathi: “Nkosi, ukuba ngibuye ngibone.” UJesu wathi kuyo: “Bona! Ukukholwa kwakho kukusindisile.” Yayisibona khona manjalo, yamlandela imdumisa uNkulunkulu, nabantu bonke bekubona lokho bamdumisa uNkulunkulu.

NgokukaLuka 18:15-43 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Baletha kuye nabantwanyana ukuba abaphathe; kepha abafundi bekubona babakhuza. Kodwa uJesu wababizela kuye, wathi: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo. Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana kasoze angena kuwo.” Umbusi othile wayesembuza ethi: “Mfundisi omuhle, ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?” Kepha uJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? Kakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu. Uyayazi imiyalelo ukuthi: ‘Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafakazi amanga, yazisa uyihlo nonyoko.’ ” Kepha wathi: “Konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami.” UJesu ekuzwa lokho wathi kuye: “Usasilalelwe into inye: thengisa ngakho konke onakho, wabele abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.” Kuthe ekuzwa lokho, wadabuka impela, ngokuba wayenothile kakhulu. UJesu embona wathi: “Kulukhuni kangakanani kwaba nomnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu. Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.” Abezwayo base bethi: “Pho, kungasindiswa bani na?” Kepha wathi: “Okungenzeki kubantu kungenzeka kuNkulunkulu.” Wayesethi uPetru: “Bheka, thina sishiye okwethu, sakulandela.” Wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Akukho muntu oshiye indlu, noma umkakhe, noma abafowabo, noma abazali, noma abantwana ngenxa yombuso kaNkulunkulu, ongayikwamukeliswa okuphindwe kaningi kulesi sikhathi nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade.” Wayesebasondeza kuye abayishumi nambili, wathi kubo: “Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; konke okulotshwe ngabaprofethi ngeNdodana yomuntu kuyakugcwaliseka. Ngokuba izakukhashelwa kwabezizwe, iklolodelwe, idunyazwe, ikhafulelwe ngamathe, bayishaye, bayibulale; kepha ngosuku lwesithathu izakuvuka.” Kepha bona kabaqondanga lutho lwalokho; lelo zwi lalifihlakele kubo, abakuqondanga obekushiwo. Kwathi esesondela eJeriko, impumputhe ethile yayihlezi ngasendleleni inxiba. Isizwa isixuku sidlula, yabuza ukuthi: “Kuyini lokhu?” Base beyitshela ukuthi: “Kudlula uJesu waseNazaretha.” Yayisimemeza ithi: “Jesu, Ndodana kaDavide, ngihawukele!” Ababehamba phambili bayikhuza ukuba ithule kepha kwayikhona imemeza kakhulu yona, ithi: “Ndodana kaDavide, ngihawukele!” Wema-ke uJesu, wayala ukuba ilethwe kuye. Isisondele, wayibuza wathi: “Ufuna ukuba ngikwenzeleni na?” Yathi: “Nkosi, ukuba ngibone.” UJesu wathi kuyo: “Bona! Ukukholwa kwakho kukusindisile.” Yayisibona khona lapho, yamlandela imdumisa uNkulunkulu, nabantu bonke bekubona bamnika uNkulunkulu indumiso.

NgokukaLuka 18:15-43 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)