Baletha kuye nabantwanyana ukuba abaphathe; kepha abafundi bekubona babakhuza. Kodwa uJesu wababizela kuye, wathi: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo. Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana kasoze angena kuwo.”
Umbusi othile wayesembuza ethi: “Mfundisi omuhle, ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?”
Kepha uJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? Kakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu. Uyayazi imiyalelo ukuthi: ‘Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafakazi amanga, yazisa uyihlo nonyoko.’ ”
Kepha wathi: “Konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami.”
UJesu ekuzwa lokho wathi kuye: “Usasilalelwe into inye: thengisa ngakho konke onakho, wabele abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”
Kuthe ekuzwa lokho, wadabuka impela, ngokuba wayenothile kakhulu. UJesu embona wathi: “Kulukhuni kangakanani kwaba nomnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu. Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.”
Abezwayo base bethi: “Pho, kungasindiswa bani na?”
Kepha wathi: “Okungenzeki kubantu kungenzeka kuNkulunkulu.”
Wayesethi uPetru: “Bheka, thina sishiye okwethu, sakulandela.”
Wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Akukho muntu oshiye indlu, noma umkakhe, noma abafowabo, noma abazali, noma abantwana ngenxa yombuso kaNkulunkulu, ongayikwamukeliswa okuphindwe kaningi kulesi sikhathi nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade.”
Wayesebasondeza kuye abayishumi nambili, wathi kubo: “Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; konke okulotshwe ngabaprofethi ngeNdodana yomuntu kuyakugcwaliseka. Ngokuba izakukhashelwa kwabezizwe, iklolodelwe, idunyazwe, ikhafulelwe ngamathe, bayishaye, bayibulale; kepha ngosuku lwesithathu izakuvuka.”
Kepha bona kabaqondanga lutho lwalokho; lelo zwi lalifihlakele kubo, abakuqondanga obekushiwo.
Kwathi esesondela eJeriko, impumputhe ethile yayihlezi ngasendleleni inxiba. Isizwa isixuku sidlula, yabuza ukuthi: “Kuyini lokhu?”
Base beyitshela ukuthi: “Kudlula uJesu waseNazaretha.”
Yayisimemeza ithi: “Jesu, Ndodana kaDavide, ngihawukele!”
Ababehamba phambili bayikhuza ukuba ithule kepha kwayikhona imemeza kakhulu yona, ithi: “Ndodana kaDavide, ngihawukele!”
Wema-ke uJesu, wayala ukuba ilethwe kuye. Isisondele, wayibuza wathi: “Ufuna ukuba ngikwenzeleni na?”
Yathi: “Nkosi, ukuba ngibone.”
UJesu wathi kuyo: “Bona! Ukukholwa kwakho kukusindisile.” Yayisibona khona lapho, yamlandela imdumisa uNkulunkulu, nabantu bonke bekubona bamnika uNkulunkulu indumiso.