NgokukaLuka 15:3-7
NgokukaLuka 15:3-7 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Wasebatshela lumfanekiso, esithi. Ngumuphi umuntu kini onezimvu eziyikhulu, kuthi uma elahlekelwa ngenye yazo, angazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ehlane, alandele elahlekileyo, aze ayithole, na? Athi eseyitholile, ayibeke emahlombe akhe ethokoza. Esefikile ekhaya, abizele ndawonye abangani bakhe nomakhelwane, athi kubo: “Thokozani nami; ngoba ngiyitholile imvu yami ebilahlekile. Ngithi kini: Kanjalo kuyakuba khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo, kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangadingi kuphenduka.
NgokukaLuka 15:3-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJesu wayesebalandisa lo mfanekiso, ethi: “Ngubani kini ongathi enezimvu eziyikhulu, alahlekelwe ngenye yazo, angazishiyi edlelweni ezingama-99, ahambe ayofuna elahlekileyo, aze ayithole na? Kuthi lapho eseyitholile, ayetshathe emahlombe ethokoza. Esefikile ekhaya ameme abangani nomakhelwane, athi kubo: ‘Thokozani nami, ngokuba ngiyitholile imvu yami ebilahlekile.’ Ngithi kini: kanjalo kuyakuba khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo, kunabalungileyo abangama-99 abangakudingi ukuphenduka.
NgokukaLuka 15:3-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wayesebalandisa lo mfanekiso, ethi: “Ngumuphi umuntu kini onezimvu eziyikhulu, alahlekelwe ngenye kuzo, angazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ehlane, aye kwelahlekileyo, aze ayithole, na? Athi eseyitholile, ayetshathe ethokoza. Esefike ekhaya ameme abahlobo nabakhelwane, athi kubo: ‘Thokozani nami, ngokuba ngiyitholile imvu yami ebilahlekile.’ Ngithi kini: Kanjalo kuyakuba khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo, kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangasweli ukuphenduka.
NgokukaLuka 15:3-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)