Luka 15:3-7

Luka 15:3-7 CZB24

Wasebatshela lumfanekiso, esithi. Ngumuphi umuntu kini onezimvu eziyikhulu, kuthi uma elahlekelwa ngenye yazo, angazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ehlane, alandele elahlekileyo, aze ayithole, na? Athi eseyitholile, ayibeke emahlombe akhe ethokoza. Esefikile ekhaya, abizele ndawonye abangani bakhe nomakhelwane, athi kubo: “Thokozani nami; ngoba ngiyitholile imvu yami ebilahlekile. Ngithi kini: Kanjalo kuyakuba khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo, kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangadingi kuphenduka.

Funda Luka 15

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo