NgokukaLuka 14:21-23
NgokukaLuka 14:21-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Inceku isibuyile, yayibikela inkosi yayo ngalokho. Umninindlu wathukuthela, khona wayesethi encekwini yakhe: ‘Phuthuma, uye emigwaqweni nasemihubheni yomuzi; ungenise lapha abampofu, abakhubazekile, izimpumputhe, nezinyonga.’ “Yathi inceku: ‘Nkosi, sekwenziwe lokho obuyale ngakho, kepha isekhona indawo.’ “Inkosi yathi encekwini: ‘Phuma uye emigwaqweni nasezindleleni, ubanxenxe ukuba beze ukuze indlu yami igcwale phama.’
NgokukaLuka 14:21-23 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Yafika leyo nceku, yabikela inkosi yayo lokho. Khona umninindlu wathukuthela, wathi encekwini yakhe: Phuma masinyane, uye emigwaqweni nasemigwaqweni yomuzi, ungenise lapha abampofu, nezilima, nezinyonga, nezimpumputhe. Inceku yasisithi: Nkosi, sekwenziwe njengokulaya kwakho, kodwa indawo isekhona. Yathi inkosi encekwini: ‘Phuma uye ezindleleni nasezintangweni, ubacindezele ukuba bangene, ukuze igcwale indlu yami.
NgokukaLuka 14:21-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Isibuyile inceku yabika lokho enkosini yayo. Khona umninindlu wathukuthela, wathi encekwini yakhe: ‘Khawuleza, uye emigwaqweni nasemingcingweni yomuzi, ungenise lapha abampofu, nezilima, nezimpumputhe, nezinyonga.’ “Yathi inceku: ‘Nkosi, sekwenziwe ngokuyala kwakho; kepha isekhona indawo.’ “Yathi inkosi encekwini: ‘Phuma uye ezindleleni nasezintangweni, ubacindezele bangene ukuba igcwale indlu yami.
NgokukaLuka 14:21-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)