NgokukaLuka 13:22-35
NgokukaLuka 13:22-35 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wayesedlula, wahamba imizi ngemizi nemizana ngemizana, efundisa, eqonde eJerusalema. Umuntu othile wayesethi kuye: “Nkosi, bayingcosana abasindiswayo na?” Wathi kubo: “Phikelelani ukungena ngomnyango omncinyane; ngokuba ngithi kini: Abaningi bayakufuna ukungena, bahluleke. Nxa umninindlu esukumile wavala emnyango, niqale ukuma ngaphandle, ningqongqothe emnyango, nithi: ‘Nkosi, sivulele,’ uyakuphendula, athi: ‘Anginazi lapho nivela khona.’ “Lapho-ke niyakuqala ukuthi: ‘Sasidla, siphuza phambi kwakho, wawufundisa emigwaqweni yakithi.’ “Athi-ke: ‘Ngithi kini: Anginazi lapho nivela khona; sukani kimi nina nonke, basebenzi bokungalungi.’ “Lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo, nxa senibona o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, nabaprofethi bonke embusweni kaNkulunkulu, kepha nina nikhishelwe ngaphandle. Bayakufika bevela empumalanga, nasentshonalanga, nasenyakatho, naseningizimu, bahlale ekudleni embusweni kaNkulunkulu. Bhekani, bakhona abokugcina abayakuba ngabokuqala; bakhona abokuqala abayakuba ngabokugcina.” Ngawo lowo mzuzwana kweza abaFarisi abathile, bathi kuye: “Suka, umuke lapha, ngokuba uHerode ufuna ukukubulala.” Wathi kubo: “Hambani nithi kuleyo mpungushe: ‘Bheka, ngikhipha amademoni, ngiphulukise abagulayo namuhla nakusasa, kuthi ngosuku lwesithathu ngipheleliswe.’ Nokho ngimelwe ukuba ngihambe namuhla nakusasa nangomhlomunye; ngokuba akunakwenzeka ukuba umprofethi abhubhe ngaphandle kweJerusalema. “Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, bengithanda kangaki ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko; kepha anivumanga. Bhekani, indlu yenu isisala inxiwa kini; kepha ngithi kini: Anisoze nangibona, kuze kufike isikhathi sokuba nithi: ‘Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.’ ”
NgokukaLuka 13:22-35 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Wasedabula imizi lemizana efundisa, elibangise eJerusalema. Omunye wasesithi kuye: Nkosi, balutshwana abasindiswayo yini? Wathi kubo. Phikelelani ukungena ngesango elincane; ngokuba ngithi kini: Abaningi bayakufuna ukungena, kodwa bahluleke. Nxa umninindlu esesukumile wavala umnyango, seliqala ukuma ngaphandle lokungqongqotha emnyango, lisithi: Nkosi, Nkosi, sivulele; uyakuphendula athi kini: Anginazi lapho nivela khona; Khona niyakuqala ukuthi: ‘Sadla, saphuza phambi kwakho, wafundisa emigwaqweni yakithi.’ Kodwa uzakuthi: Ngithi kini: Kangilazi lapho elivela khona; sukani kimi nina nonke benzi bokubi. Lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo, nxa senibona o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, nabaprofethi bonke embusweni kaNkulunkulu, kepha nina nikhishelwe ngaphandle. Bayakuza bevela empumalanga, nasentshonalanga, nasenyakatho, naseningizimu, bahlale ekudleni embusweni kaNkulunkulu. Bhekani, bakhona abokugcina abayakuba ngabokuqala, kukhona abokuqala abayakuba ngabokugcina. Ngalolo suku kwafika abaFarisi abathile, bathi kuye: “Phuma, umuke lapha, ngokuba uHerode ufuna ukukubulala. Wathi kubo: “Hambani niyitshele leyo mpungushe ukuthi: ‘Bheka, ngikhipha amademoni, ngiphulukisa abantu namuhla nakusasa, kuthi ngosuku lwesithathu ngipheleliswe. Nokho ngimelwe ukuhamba namuhla nakusasa nangomuso, ngokuba akunakwenzeka ukuba umprofethi abhubhe ngaphandle kweJerusalema. Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunywe kuwe! Bengithanda kangakanani ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukhukazi sibuthela amazinyane aso ngaphansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga! Bhekani, indlu yenu isisala nani; ngiqinisile ngithi kini: Aniyikungibona, kuze kufike isikhathi eniyakusho ngaso ukuthi: ‘Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.’
NgokukaLuka 13:22-35 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJesu wahamba phakathi kwemizi nemizana efundisa, esendleleni, elibhekise eJerusalema. Umuntu othile wayesethi kuye: “Nkosi, bayingcosana yini abasindiswayo na?” UJesu wathi kubo: “Phikelelani ukungena ngomnyango omncane. Ngokuba ngithi kini: baningi abayakufuna ukungena, kodwa behluleke. Uma umninindlu esesukumile wavala umnyango, niyakuma ngaphandle, ningqongqoze emnyango, nithi: ‘Nkosi, sivulele,’ yena uyakuphendula, athi: ‘Anginazi ukuthi nivela kuphi.’ “Kulapho niyakuqala khona, nithi: ‘Sasidla, siphuza nawe, wawufundisa emigwaqweni yakithi.’ “Kepha yena uyakuthi: ‘Ngithi kini: anginazi ukuthi nivela kuphi. Sukani kimi nina nonke, benzi bobubi.’ ” “Lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo, uma senibona u-Abhrahama, u-Isaka, uJakobe, nabaphrofethi bonke embusweni kaNkulunkulu, kodwa nina nikhishelwe phandle. Bayakufika bevela empumalanga, entshonalanga, enyakatho, naseningizimu; bonke bahlale esidlweni embusweni kaNkulunkulu. Bakhona abokugcina abayakuba ngabokuqala, bakhona nabokuqala abayakuba ngabokugcina.” Ngaleso sikhathi kweza kuJesu, abanye babaFarisi bathi kuye: “Suka, uhambe lapha, ngokuba uHerode ufuna ukukubulala.” UJesu wathi kubo: “Hambani nitshele leyo mpungushe nithi: ‘Ngikhipha amadimoni, ngiphilise abagulayo, namuhla nakusasa, kuthi ngosuku lwesithathu ngipheleliswe.’ Nokho kumele ukuba namuhla nakusasa nangomhlomunye ngihambe, ngokuba akunakwenzeka ukuba umphrofethi afele ngaphandle kwaseJerusalema. “Jerusalema! Jerusalema! Wena obulala abaphrofethi, ukhande ngamatshe labo abathunyelwe kuwe, kukaningi ngilangazelela ukuqoqa abantu bakho njengesikhukhukazi sikhoselise amachwane aso phansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga. Indlu yenu isele iyinxiwa kini, kodwa ngithi kini: anisoze nangibona, kuze kube mhla nithi: ‘Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.’ ”
NgokukaLuka 13:22-35 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wayesedlula, wahamba imizi ngemizi nemizana ngemizana, efundisa, eqonde eJerusalema. Umuntu othile wayesethi kuye: “Nkosi, bayingcosana abasindiswayo na?” Wathi kubo: “Phikelelani ukungena ngomnyango omncinyane; ngokuba ngithi kini: Abaningi bayakufuna ukungena, bahluleke. Nxa umninindlu esukumile wavala emnyango, niqale ukuma ngaphandle, ningqongqothe emnyango, nithi: ‘Nkosi, sivulele,’ uyakuphendula, athi: ‘Anginazi lapho nivela khona.’ “Lapho-ke niyakuqala ukuthi: ‘Sasidla, siphuza phambi kwakho, wawufundisa emigwaqweni yakithi.’ “Athi-ke: ‘Ngithi kini: Anginazi lapho nivela khona; sukani kimi nina nonke, basebenzi bokungalungi.’ “Lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo, nxa senibona o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, nabaprofethi bonke embusweni kaNkulunkulu, kepha nina nikhishelwe ngaphandle. Bayakufika bevela empumalanga, nasentshonalanga, nasenyakatho, naseningizimu, bahlale ekudleni embusweni kaNkulunkulu. Bhekani, bakhona abokugcina abayakuba ngabokuqala; bakhona abokuqala abayakuba ngabokugcina.” Ngawo lowo mzuzwana kweza abaFarisi abathile, bathi kuye: “Suka, umuke lapha, ngokuba uHerode ufuna ukukubulala.” Wathi kubo: “Hambani nithi kuleyo mpungushe: ‘Bheka, ngikhipha amademoni, ngiphulukise abagulayo namuhla nakusasa, kuthi ngosuku lwesithathu ngipheleliswe.’ Nokho ngimelwe ukuba ngihambe namuhla nakusasa nangomhlomunye; ngokuba akunakwenzeka ukuba umprofethi abhubhe ngaphandle kweJerusalema. “Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, bengithanda kangaki ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko; kepha anivumanga. Bhekani, indlu yenu isisala inxiwa kini; kepha ngithi kini: Anisoze nangibona, kuze kufike isikhathi sokuba nithi: ‘Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.’ ”
NgokukaLuka 13:22-35 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)