NgokukaLuka 12:51-53
NgokukaLuka 12:51-53 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Nithi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni na? Ngithi kini, Cha; kodwa kunalokho ukwahlukana. Ngokuba kusukela manje kuyakuba khona abayisihlanu endlini inye behlukene, abathathu nababili, nababili nabathathu. Uyise uyakwehlukana nendodana, nendodana noyise; unina nendodakazi, nendodakazi nonina; uninazala amelane lomalokazana wakhe, lomalokazana amelane loninazala.
NgokukaLuka 12:51-53 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Nicabanga ukuthi ngilethe ukuthula emhlabeni na? Phinde! Kepha ngithi kini: ngilethe ukwehlukana. Ngokuba kusukela manje kuyakuba khona abayisihlanu endlini, abathathu bamelane nababili, nababili bamelane nabathathu. Kuyokuba khona ukwehlukana: uyise amelane nendodana, nendodana imelane noyise, unina amelane nendodakazi, nendodakazi nonina, uninazala amelane nomalokazana, nomalokazana amelane noninazala.”
NgokukaLuka 12:51-53 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Nithi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni na? Ngithi kini: Qha, kepha kakhulu ukwahlukana. Ngokuba kusukela manje kuyakuba khona abayisihlanu endlini inye bahlukene, abathathu nababili, ababili nabathathu; bayakwahlukana, uyise nendodana, indodana noyise; unina nendodakazi, indodakazi nonina; uninazala nomalokazana wakhe, umalokazana noninazala.”
NgokukaLuka 12:51-53 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)