NgokukaLuka 12:22-32
NgokukaLuka 12:22-32 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Wasesithi kubafundi bakhe: Ngakho ngithi kini: Lingakhathaleli impilo yenu, ukuthi lizakudlani; noma ngomzimba ukuthi niyakwembathani. Ukuphila kungaphezu kokudla, nomzimba mkhulu kunesambatho. Bhekani amagwababa, ngokuba awahlwanyeli, awavuni; elingenazinqolobane nanqolobane; uNkulunkulu uyazondla; nina nizidlula kangakanani izinyoni na? Ngumuphi kini ongathi ngokukhathazeka anezele ubude bakhe ingalo eyodwa na? Ngakho-ke uma ningenakukwenza lokho okuncane kakhulu, nizikhathazelani ngokunye na? Bhekani iminduze ukuthi imila kanjani; ayikhandleki, ayiphothi; kodwa ngithi kini: USolomoni enkazimulweni yakhe yonke wayengavunule njengomunye wayo. Uma uNkulunkulu embesa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, kusasa buphonswe eziko; kakhulu kangakanani anigqokisa nina eninokukholwa okuncane na? Futhi ningafuni eniyakudlani noma niyakuphuza, futhi ningabi ngabangabaza. Ngokuba konke lokho izizwe zomhlaba ziyakudinga; uYihlo uyazi ukuthi niyakudinga lokho. Kodwa funani kakhulu umbuso kaNkulunkulu; futhi zonke lezi zinto ziyakwenezelwa nina. Ningesabi, mhlambi omncane; ngoba kuyintokozo kuYihlo ukulinika umbuso.
NgokukaLuka 12:22-32 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wayesethi kubafundi bakhe: “Ngakho-ke ngithi kini: ningakhathazeki ngokuphila kwenu nangemizimba yenu ukuthi niyakudlani, nanokuthi niyakwembathani. Ngokuba ukuphila kubalulekile kunokudla, nomzimba kunesembatho. Ake nibheke nje amagwababa; awalimi, awavuni, futhi awanazilulu nazinqolobane, kepha uNkulunkulu uyawondla. Kakhulu kangakanani-ke nina eniyigugu ukwedlula izinyoni! Ngubani kini okuthi ngenxa yokukhathazeka, athasisele usuku olulodwa nje eminyakeni yokuphila kwakhe na? Ngakho-ke njengokuba ningenamandla okwenza nokuncane nje, pho nizikhathazelani ngalokhu okunye na? “Bhekani nje, nansi iminduze yasendle, ukuthi ikhula kanjani. Ayizikhandli, ayizithungeli zembatho, kodwa ngithi kini: ngisho noSolomoni, ebukhazikhazini bakhe bonke, wayengavunulisile okomunye wayo. Uma-ke uNkulunkulu embathisa utshani basendle obukhona namuhla, kuthi ngakusasa buphonswe eziko, kakhulu kangakanani nina eninokukholwa okuncane. Ningafuni ukuthi niyakudlani nokuthi niyakuphuzani; ningakhathazeki ngalokho. Ngokuba konke lokhu kufunwa ngabezizwe baleli lizwe; kodwa uYihlo uyazi ukuthi niyakudinga lokhu. Kepha funani umbuso kaNkulunkulu, yikhona konke lokhu kuyakwenezelwa kini. “Ungesabi, mhlambi omncane, ngokuba kuyintando kaYihlo ukuba aninike umbuso.
NgokukaLuka 12:22-32 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wayesethi kubafundi bakhe: “Ngakho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ngokuba ukuphila kukhulu kunokudla, nomzimba kunesambatho. Bhekani izingwababana ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azinaxhiba nanqolobane, kepha uNkulunkulu uyazondla; nina nizidlula kakhulu kangakanani izinyoni. Ngumuphi kini ongathi ngokukhathazeka enezele ebudeni bakhe ingalo na? Ngalokho nxa ningenamandla okwenza nokuncinyane, yini ukuba nikhathazeke ngokunye na? “Bhekani iminduze ukuthi imila kanjani; ayiphothi, ayaluki, kepha ngithi kini noSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo. Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, kakhulu kangakanani uyakunembathisa nina eninokukholwa okuncane. Nani maningafuni eniyakukudla neniyakukuphuza; ningakhathazeki. Ngokuba konke lokho kufunwa ngabezizwe bomhlaba, kepha uYihlo uyazi ukuthi niyakudinga lokho. Kodwa funani umbuso wakhe, khona konke lokho kuyakwenezelwa nina. “Ungesabi, mhlambi omncane; ngokuba kwathandeka kuYihlo ukuninika umbuso.
NgokukaLuka 12:22-32 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)