ULevitikusi 25:23-28
ULevitikusi 25:23-28 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“ ‘Izwe aniyukulithengisa kuze kube phakade, ngokuba izwe lingelami, nina-ke ningabafokazi abagogobeleyo nami. Izwe lonke eliyifa lenu niyakuba nelungelo lokulihlenga. “ ‘Uma umfowenu eba mpofu, bese ethengisa ngefa lakhe, kuyofika umhlengi oyisihlobo sakhe esisondele silihlenge ifa umfowabo athengise ngalo. Uma umuntu engenaye umhlengi oyisihlobo sakhe, kodwa bese eba ngocebileyo, athole okwanele ukulihlenga, uyobala iminyaka selokhu alithengisa, bese kuthi okuseleyo akudlulisele kulowo muntu ayemthengisele lona, yena abuyele efeni lakhe. Uma engawatholi amandla okulibuyisela kuye, lelo ayelithengisile liyakusala esandleni sowalithengayo, kuze kufike unyaka wejubhili. Liyokhululeka ngejubhili, bese ebuyela efeni lakhe.
ULevitikusi 25:23-28 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“ ‘Akuyikuthengiswa ngezwe kuze kube phakade, ngokuba izwe lingelami, nina-ke ningabafokazi nabagogobeleyo kimi. Ezweni lonke lefa lenu niyakuvuma ukuhlengwa kwezwe. “ ‘Uma umfowenu eba mpofu, athengise ngefa lakhe, kuyakufika isihlobo sakhe, sihlenge lona umfowabo athengisile ngalo. Uma umuntu engenaye ongalihlenga, kodwa ebeseba ngocebileyo, athole okwanele ukulihlenga, makabale iminyaka selokhu kwathengiswa ngalo, abuyisele okudluleleyo kulowo muntu athengisa kuye ngalo, aze abuyele efeni lakhe. Uma engatholi amandla okuzibuyiselela lona, lelo athengise ngalo liyakusala esandleni solithengileyo, uze ufike umnyaka wejubili; ngejubili liyakuphuma, yena abuyele efeni lakhe.
ULevitikusi 25:23-28 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Izwe aliyikuthengiswa kuze kube phakade, ngokuba izwe lingelami; ngoba ningabafokazi nezihambi kanye nami. Futhi kulo lonke izwe lefa lakho kumelwe ulihlenge izwe. Uma umfowenu eba mpofu, wathengisa ngempahla yakhe, futhi uma kufika othile womndeni wakubo ukuzoyihlenga, kumelwe ahlenge lokho umfowabo athengiswe ngakho. Uma umuntu engenamuntu omkhululayo, futhi enamandla okuzikhululela yena; Makabale iminyaka yokuthengisa kwakho, abuyisele okuseleyo kumuntu athengisa kuye; ukuze abuyele efeni lakhe. Kodwa uma engenakuyibuyisela kuye, lokho okuthengiswayo kuyakuhlala esandleni salowo owakuthengayo kuze kufike ijubili; ngejubili liyakuphuma, abuyele efeni lakhe.