ULevitikusi 25:23-28

ULevitikusi 25:23-28 CZB24

Izwe aliyikuthengiswa kuze kube phakade, ngokuba izwe lingelami; ngoba ningabafokazi nezihambi kanye nami. Futhi kulo lonke izwe lefa lakho kumelwe ulihlenge izwe. Uma umfowenu eba mpofu, wathengisa ngempahla yakhe, futhi uma kufika othile womndeni wakubo ukuzoyihlenga, kumelwe ahlenge lokho umfowabo athengiswe ngakho. Uma umuntu engenamuntu omkhululayo, futhi enamandla okuzikhululela yena; Makabale iminyaka yokuthengisa kwakho, abuyisele okuseleyo kumuntu athengisa kuye; ukuze abuyele efeni lakhe. Kodwa uma engenakuyibuyisela kuye, lokho okuthengiswayo kuyakuhlala esandleni salowo owakuthengayo kuze kufike ijubili; ngejubili liyakuphuma, abuyele efeni lakhe.