IsiLilo 3:19-33
IsiLilo 3:19-33 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Uma ngikhumbula ukuhlupheka kwami nokuba ngumhambuma, kufana nenhlaba nenyongo. Lapho ngicabanga ngalezi zinto, ngiyadideka. Noma kunjalo ngisazoqhubeka ngibe nethemba, uma ngicabanga ngoSimakade. Uthando lwakhe lungunakaphakade, ububele bakhe abunamukhawulo. Kusha nsuku zonke, ukwethembeka kwakhe kukhulu. Ngathi: “USimakade uyisabelo sami, ngakho-ke ngizokwethembela kuye.” USimakade muhle kulowo omlindelayo, kulowo omfunayo. Kuhle ukulindela ngokuthula ukusindisa kukaSimakade. Kuhle ukuba umuntu athwale ijoka esemusha. Makahlale yedwa, athule, ngokuba nguSimakade omethwese lona. Makabeke umlomo wakhe othulini, hleze lingakhona ithemba. Makamnike isihlathi ommukulayo, asuthe inhlamba. Ngokuba iNkosi ayinakusilahla kuze kube phakade. Noma ikudabukisile, iyokuhawukela ngobukhulu bobubele bayo. Ngokuba akuveli enhliziyweni yayo ukuhlupha, nokudabukisa abantwana babantu.
IsiLilo 3:19-33 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Khumbula ukuhlupheka kwami nosizi lwami, umhlonyane nenyongo. Umphefumulo wami uyakukhumbula nokukukhumbula, uthobile phakathi kwami. Kepha yilokhu engiyakukubuyisela enhliziyweni yami, ngalokho nginethemba: ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe, ngokuba ububele bakhe abupheli. Busha ekuseni njalo; ukuthembeka kwakho kukhulu. UJehova uyisabelo sami, usho umphefumulo wami; ngakho ngiyakwethemba kuye. UJehova muhle kwabamethembayo, kumphefumulo omfunayo. Kuhle ukumethemba nokulindela ngokuthula ukusindisa kukaJehova. Kuhle kumuntu ukuba athwale ijoka ebusheni bakhe. Makahlale yedwa, athule, lapho emthwesa lona. Makabeke umlomo wakhe othulini; mhlawumbe kungaba khona ithemba. Makanike isihlathi sakhe komshayayo, asuthe ngenhlamba. Ngokuba uJehova akayikulahla kuze kube phakade. Ngokuba noma edabukisile, uyakuhawukela nokho ngokobukhulu bomusa wakhe. Ngokuba akahluphi, angadabukisi abantwana babantu ngenxa yokuba ekuthanda.
IsiLilo 3:19-33 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Khumbulani usizi lwami nosizi lwami, inkungu nenyongo. Umphefumulo wami usazikhumbula njalo uthobile phakathi kwami. Ngiyakukhumbula lokhu engqondweni yami, ngakho ngiyethemba. Kungenxa yobubele bukaJehova ukuthi asiqedwa, ngokuba ububele bakhe abupheli. Zintsha njalo ekuseni: kukhulu ukuthembeka kwakho. UJehova uyisabelo sami, usho umphefumulo wami; ngalokho ngiyakwethemba kuye. UNkulunkulu unguJehova kwabamthembayo, umphefumulo omfunayo. Kuhle ukuthi umuntu alindele ukukhululwa kukaJehova, alinde ngokuthula. Kuhle kumuntu ukuthwala ijoka ebusheni bakhe. Uhlezi yedwa athule, ngoba uzithwalile. Ubeka umlomo wakhe othulini; uma kunjalo, kungaba khona ithemba. Unika isihlathi sakhe komshayayo; ugcwele ihlazo. Ngoba iNkosi kayiyikulahlwa kuze kube nininini. Kepha noma ebanga usizi, nokho uyakuba nesihawu ngokobukhulu bobubele bakhe. Ngoba ucindezela abantwana babantu ngokuzithandela langosizi.