IsiLilo 3:19-33

IsiLilo 3:19-33 ZUL59

Khumbula ukuhlupheka kwami nosizi lwami, umhlonyane nenyongo. Umphefumulo wami uyakukhumbula nokukukhumbula, uthobile phakathi kwami. Kepha yilokhu engiyakukubuyisela enhliziyweni yami, ngalokho nginethemba: ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe, ngokuba ububele bakhe abupheli. Busha ekuseni njalo; ukuthembeka kwakho kukhulu. UJehova uyisabelo sami, usho umphefumulo wami; ngakho ngiyakwethemba kuye. UJehova muhle kwabamethembayo, kumphefumulo omfunayo. Kuhle ukumethemba nokulindela ngokuthula ukusindisa kukaJehova. Kuhle kumuntu ukuba athwale ijoka ebusheni bakhe. Makahlale yedwa, athule, lapho emthwesa lona. Makabeke umlomo wakhe othulini; mhlawumbe kungaba khona ithemba. Makanike isihlathi sakhe komshayayo, asuthe ngenhlamba. Ngokuba uJehova akayikulahla kuze kube phakade. Ngokuba noma edabukisile, uyakuhawukela nokho ngokobukhulu bomusa wakhe. Ngokuba akahluphi, angadabukisi abantwana babantu ngenxa yokuba ekuthanda.

Funda IsiLilo 3

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IsiLilo 3:19-33