UJoshuwa 1:7-8
UJoshuwa 1:7-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Qina kuphela, ume isibindi kakhulu, uqaphele ukwenza ngokomthetho wonke akuyala ngawo uMose inceku yami, ungaphambuki kuwo ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ukuba ube nempumelelo nomaphi lapho uya khona. Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho, kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo, ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle.
UJoshuwa 1:7-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Qina kuphela, ube nesibindi kakhulu, ukuze wenze ngokucophelela ngokomthetho wonke uMose, inceku yami, akuyala ngawo: ungaphambuki kuwo uye kwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze ube nempumelelo nomaphi lapho uya khona. Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho; kodwa wozindla ngayo imini nobusuku, ukuze wenze ngokucophelela njengakho konke okulotshwe kuyo
UJoshuwa 1:7-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Qina kuphela, ube nesibindi kakhulu, uqaphele ukwenza njengokomthetho wonke inceku yami uMose akuyala ngawo. Ungachezuki nakancane kuwo, uye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze ube nempumelelo noma kuphi lapho uya khona. Le ncwadi yomthetho ayiyukusuka emlonyeni wakho; uyakuzindla ngayo imini nobusuku, ukuze uqikelele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo. Ngokwenzenjalo uyokwenza indlela yakho ichume, ube nenqubekelaphambili.