UJoshuwa 1

1
USimakade Uyala UJoshuwa Ukuba Awele IJordani
1 Emveni kokufa kukaMose, inceku kaSimakade, uSimakade wakhuluma kuJoshuwa, indodana kaNuni inceku kaMose, wathi: 2 “Inceku yami uMose ifile, ngakho-ke suka uwele iJordani, wena nabo bonke laba bantu, ningene ezweni engizakubabela lona abantu bakwa-Israyeli. 3 Yonke indawo lapho nibeke khona unyawo lwenu, leyo ndawo ngiyakuninika yona njengalokhu ngishilo kuMose. 4 Kusukela eLebhanoni kuze kube semfuleni omkhulu, umfula iYufrathe, lonke izwe lamaHithi kuze kuyofinyelela olwandle entshonalanga, kuyakuba yizwe lenu. 5 Akuyukuba bikho muntu oyoma phambi kwakho, zonke izinsuku zokuphila kwakho; njengoba nganginaye uMose, ngiyakuba nawe kanjalo, angiyukukuyeka, futhi angiyukukushiya. 6 Qina, ume isibindi, ngokuba nguwena oyokwenza laba bantu badle izwe engafunga koyisemkhulu ukubanika lona. 7 Qina kuphela, ube nesibindi kakhulu, uqaphele ukwenza njengokomthetho wonke inceku yami uMose akuyala ngawo. Ungachezuki nakancane kuwo, uye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze ube nempumelelo noma kuphi lapho uya khona. 8 Le ncwadi yomthetho ayiyukusuka emlonyeni wakho; uyakuzindla ngayo imini nobusuku, ukuze uqikelele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo. Ngokwenzenjalo uyokwenza indlela yakho ichume, ube nenqubekelaphambili. 9 Ngiyakuyala manje: qina, ume isibindi; ungesabi, ungadikibali, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe noma kuphi lapho uya khona.”
UJoshuwa Uyala Izinduna Nesizwe
10UJoshuwa wayeseyala izinduna zabantu, ethi: 11 “Dabulani enkanjini, niyale abantu ukuba balungise umphako, ngokuba ezinsukwini ezintathu nizowela iJordani, ukuba ningene, nidle izwe uSimakade aninika lona ukuba libe ngelenu.”
12 UJoshuwa wayesekhuluma nabakwaRubeni nabakwaGadi nengxenye yesizwana sakwaManase, wathi: 13 “Khumbulani izwi uMose, inceku kaNkulunkulu, aniyala ngalo, ethi: ‘USimakade uNkulunkulu wenu uzakunabela indawo yokuphumula, futhi uyakuninika leli lizwe.’ 14Omkenu nabantwana benu nemfuyo yenu kuyakusala ezweni uMose aninika lona, elingaphesheya kweJordani. Kepha nina niyakuwela nihlomile phambi kwabafowenu, nonke nina maqhawe anamandla niyakubasiza, 15 aze uSimakade abaphe ukuphumula abafowenu kanye nani, nabo balidle izwe uSimakade uNkulunkulu wenu abanika lona. Niyobuyela ezweni lenu nilidle, izwe uMose, inceku kaSimakade, aninika lona phesheya kweJordani ngasempumalanga.”
16Bamphendula uJoshuwa bathi: “Konke lokho osiyale ngakho sizokwenza, futhi noma kuphi lapho usithuma khona siyakuya. 17 Njengoba samlalela uMose ezintweni zonke, nawe siyakukuhlonipha. Kuphela nje, sengathi uSimakade uNkulunkulu wakho angaba nawe njengalokhu ayenoMose. 18Noma ngubani omelana neziyalo zakho, angawahloniphi amazwi akho, lokho oyala ngakho, uyakuyiswa kwagoqanyawo. Wena nje qina ume isibindi.”

Okuqokiwe okwamanje:

UJoshuwa 1: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo