UJoshuwa 1:1-6
UJoshuwa 1:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Emveni kokufa kukaMose, inceku kaSimakade, uSimakade wakhuluma kuJoshuwa, indodana kaNuni inceku kaMose, wathi: “Inceku yami uMose ifile, ngakho-ke suka uwele iJordani, wena nabo bonke laba bantu, ningene ezweni engizakubabela lona abantu bakwa-Israyeli. Yonke indawo lapho nibeke khona unyawo lwenu, leyo ndawo ngiyakuninika yona njengalokhu ngishilo kuMose. Kusukela eLebhanoni kuze kube semfuleni omkhulu, umfula iYufrathe, lonke izwe lamaHithi kuze kuyofinyelela olwandle entshonalanga, kuyakuba yizwe lenu. Akuyukuba bikho muntu oyoma phambi kwakho, zonke izinsuku zokuphila kwakho; njengoba nganginaye uMose, ngiyakuba nawe kanjalo, angiyukukuyeka, futhi angiyukukushiya. Qina, ume isibindi, ngokuba nguwena oyokwenza laba bantu badle izwe engafunga koyisemkhulu ukubanika lona.
UJoshuwa 1:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi emva kokufa kukaMose inceku kaJehova, uJehova wakhuluma kuJoshuwa indodana kaNuni, isikhonzi sikaMose, wathi: “UMose inceku yami ufile; ngalokho suka uwele leli Jordani, wena nalaba bantu bonke, niye ezweni engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli. Zonke izindawo ayakunyathela kuzo amathe onyawo lwenu ngininikile zona, njengalokho ngakhuluma kuMose. Kusukela ehlane nakuleli Lebanoni kuze kufike emfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe, lonke izwe lamaHeti, nakuze kube seLwandle Olukhulu ngasentshonalanga, kuyakuba ngumkhawulo wenu. Akuyikubakho muntu ongema phambi kwakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; njengalokho nganginaye uMose, kanjalo ngiyakuba nawe; angiyikukuyeka, angiyikukushiya. “Qina, ume isibindi, ngokuba uyakwenza ukuba laba bantu badle izwe engalifungela oyise ukubanika lona.
UJoshuwa 1:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwathi emva kokufa kukaMose inceku kaJehova, uJehova wakhuluma kuJoshuwa, indodana kaNuni, inceku kaMose, wathi: Inceku yami uMose ifile; Suka manje, uwele leli Jordani, wena nabo bonke laba bantu, niye ezweni engizabanika lona abantwana bakwa-Israyeli. Zonke izindawo ayakunyathela kuzo amathe onyawo lwenu, ngininikile zona, njengalokho ngasho kuMose. Kusukela ehlane nakuleli Lebanoni kuze kufike emfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe, lonke izwe lamaHeti, kuze kube seLwandle Olukhulu ekushoneni kwelanga, kuyakuba ngumkhawulo wenu. Akuyikuma muntu phambi kwakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; njengalokho nganginaye uMose, kanjalo ngiyakuba nawe; angiyikukushiya, angiyikukushiya. Qina, ume isibindi, ngokuba laba bantu uyakubanika izwe engalifungela oyise ukubanika lona libe yifa labo.