UJona 4:9-11
UJona 4:9-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UNkulunkulu wasesithi kuJona: Kuhle yini ukuthi uthukuthelele umhlakuva? Wathi: “Kuhle ukungithukuthelela kuze kube sekufeni.” Wayesethi uJehova: “Wena wawuhawukele umhlakuva, ongawusebenzelanga, ongawuyekanga ukhule; owavuka ngobusuku bunye wabhubha ngobusuku bunye; Mina-ke bengingayikulihawukela yini iNineve, umuzi omkhulu, okukhona kuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane ezingamashumi ayisithupha abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo; nezinkomo eziningi na?
UJona 4:9-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UNkulunkulu wathi kuJona: “Unaso yini isizathu sokuba uthukuthele kangaka ngenxa yomhlakuva na?” Wathi: “Ngithukuthele kakhulu ngangokuba ngingafa nokufa.” USimakade wathi: “Wena ukhathazekele umhlakuva ongawukhandlekelanga, nongawukhulisanga, ovumbuke nje ngobusuku obubodwa, wabuye washabalala ngobusuku obulandelayo. Akufanele yini mina ngikhathazeke ngeNineve, umuzi omkhulukazi, onabantu abangaphezu kwezi-120 000, abangakwazi ukwehlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, futhi onemfuyo eningi kangaka na?”
UJona 4:9-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wayesethi uNkulunkulu kuJona: “Wenza kahle ngokuthukuthela ngenxa yomhlakuva na?” Wathi: “Ngenza kahle ngokuthukuthela kuze kube sekufeni.” Wayesethi uJehova: “Wena wawuhawukela umhlakuva ongawukhandlekelanga nongawukhulisanga, owamila ebusuku bunye, wabhubha ebusuku bunye; mina-ke bengingayikulihawukela iNineve, umuzi omkhulu, okukuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, kanye nezinkomo eziningi, na?”