UJona 1:1-6
UJona 1:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Izwi likaSimakade lafika kuJona, indodana ka-Amithayi, lathi: “Phuthuma uye emzini omkhulukazi, iNineve, umemezele kuwo ukuthi ububi bawo sebenyuke baze bafika phambi kwami.” Kodwa uJona wasuka, wabaleka phambi kukaSimakade, walibhekisa eTharishishi. Wehlela eJopha, wathola umkhumbi owawuya eTharishishi. Eseyikhokhile imali, wagibela kuwo elibhekise eTharishishi, ukuba suke phambi kukaSimakade. Kepha uSimakade wathumela isishingishane olwandle, kwaba nesiphepho esikhulu kwaze kwangathi umkhumbi uyahlephuka. Amatilosi esaba, kwayilelo nalelo lakhala kunkulunkulu walo. Ayesephonsa olwandle impahla eyayisemkhunjini, ukuze umkhumbi ube lula. UJona wayesehlele egumbini lomkhumbi elingaphansi maphakathi nendawo, elele zwi. Umkhuzi wamatilosi weza kuJona, wathi: “Ungalala kanjani uhuqe ubuthongo kunje? Vuka ubize owakho uNkulunkulu, mhlawumbe angasizwa, singashabalali.”
UJona 1:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Izwi likaJehova lafika kuJona indodana ka-Amithayi, lathi: “Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze phezu kwalo, ngokuba ububi balo benyukele ebusweni bami.” Kepha uJona wasuka ebusweni bukaJehova ukuba abalekele eTharishishi, wehlela eJopha, wafumana umkhumbi obuyakuya eTharishishi; wakhokha imali yawo, wakhwela kuwo, ukuba ahambe nawo, aye eTharishishi, asuke ebusweni bukaJehova. Kodwa uJehova waphonsa umoya omkhulu elwandle, kwaba yisiphepho esikhulu elwandle; kwacatshangwa ukuthi umkhumbi uyakwaphulwa. Khona amatilosi* esaba, akhala, kwaba yilelo nalelo kunkulunkulu walo, aphonsa elwandle impahla ebisemkhunjini ukuba ube lula kubo. Kepha uJona wayehlele phakathi komkhumbi, wayeselele ubuthongo. Kwase kusondela kuye induna yomkhumbi, yathi: “Unani wena olele ubuthongo na? Vuka, ubize uNkulunkulu wakho; mhlawumbe lo Nkulunkulu uyakusikhumbula ukuba singabhubhi.”
UJona 1:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Izwi likaJehova lafika kuJona indodana ka-Amithayi, lathi: Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze ngawo; ngoba ububi babo bukhuphukele phambi kwami. Kepha uJona wasuka ukuba abalekele eTharishishi ebusweni bukaJehova, wehlela eJopha; wathola umkhumbi owawuya eTharishishi, wakhokha imali yokugibela, wangena kuwo, ukuze ahambe nawo, aye eTharishishi, asuke ebusweni bukaJehova. Kodwa uJehova wathumela umoya omkhulu elwandle, kwavela isiphepho esikhulu elwandle, umkhumbi waze waphuka. Khona-ke amatilosi esaba futhi abiza yilowo nalowo kunkulunkulu wakhe futhi aphonsa olwandle impahla eyayisemkhunjini ukuze enze kube lula kuwo. Kepha uJona wehlela ezinhlangothini zomkhumbi; walala ubuthongo. Induna yasondela kuye, yathi kuye: “Uthini wena olele ubuthongo na?” sukuma, ubize uNkulunkulu wakho, uma uNkulunkulu esikhumbula, ukuze singalahleki.