Izwi likaJehova lafika kuJona indodana ka-Amithayi, lathi: “Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze phezu kwalo, ngokuba ububi balo benyukele ebusweni bami.” Kepha uJona wasuka ebusweni bukaJehova ukuba abalekele eTharishishi, wehlela eJopha, wafumana umkhumbi obuyakuya eTharishishi; wakhokha imali yawo, wakhwela kuwo, ukuba ahambe nawo, aye eTharishishi, asuke ebusweni bukaJehova. Kodwa uJehova waphonsa umoya omkhulu elwandle, kwaba yisiphepho esikhulu elwandle; kwacatshangwa ukuthi umkhumbi uyakwaphulwa. Khona amatilosi* esaba, akhala, kwaba yilelo nalelo kunkulunkulu walo, aphonsa elwandle impahla ebisemkhunjini ukuba ube lula kubo. Kepha uJona wayehlele phakathi komkhumbi, wayeselele ubuthongo. Kwase kusondela kuye induna yomkhumbi, yathi: “Unani wena olele ubuthongo na? Vuka, ubize uNkulunkulu wakho; mhlawumbe lo Nkulunkulu uyakusikhumbula ukuba singabhubhi.”
Funda UJona 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UJona 1:1-6
Izinsuku ezi-5
UJona 1:1-17 noMarku 4:1 & 35-41 basinikeze umbono wevangeli okokuqala, mayelana nokungagwemeki kwezivunguvungu zasempilweni, okwesibili, amandla alezi zivunguvungu, futhi okwesithathu, ukuthi ubunjalo bukaJesu Kristu, uJona wethu omkhulu, busenza kanjani sikwazi ukubhekana ngempumelelo nalezi zivunguvungu zasempilweni.
29 Days
Welcome to Thriving Family's 28-day Advent Activity Calendar! Don't miss out on this opportunity to explore the true meaning of Christmas and draw closer together as a family! These parent-child activities have been created to help you keep this Christmas season focused on Christ!
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo