UJoweli 2:28-29
UJoweli 2:28-29 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Emva kwalokho ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, amaxhegu enu aphuphe amaphupho, nezinsizwa zenu zibone imibono. Naphezu kwezinceku nezincekukazi ngiyakuthulula uMoya wami ngalezo zinsuku.
UJoweli 2:28-29 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Kuyakuthi kamuva ngithululele uMoya wami phezu kwabo bonke abantu. Amadodana namadodakazi enu ayakuphrofetha, abadala benu baphuphe amaphupho, izinsizwa zenu zibone imibono. Ngalezo zinsuku ngiyakuthululela uMoya wami naphezu kwezinceku nezincekukazi.
UJoweli 2:28-29 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Kuyakuthi ngasemuva ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, abadala benu baphuphe amaphupho, izinsizwa zenu zibone imibono; naphezu kwezinceku nezincekukazi ngalezo zinsuku ngiyakuthulula uMoya wami.