UJobe 42:10-16
UJobe 42:10-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova waguqula isimo sikaJobe lapho ekhulekela abangane bakhe; uJehova wamnika uJobe okuningi kwalokho ayenakho ngaphambili. Khona-ke bonke abafowabo nabo bonke odadewabo nabo bonke abazana naye beza kuye badla isinkwa naye endlini yakhe; bamlilela, bamduduza ngakho konke okubi uJehova amehlisele khona; bamnika, kwaba yilowo nalowo uhlamvu lwemali, kwaba yilowo nalowo icici legolide. Ngakho uJehova wabusisa ukugcina kukaJobe kunokuqala kwakhe, ngoba wayenezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi nane, namakamela ayizinkulungwane eziyisithupha, namabhangqa ayinkulungwane ezinkomo, nezimbongolo eziyinkulungwane. Wayenamadodana ayisikhombisa namadodakazi amathathu. Eyokuqala wayiqamba igama lokuthi uJemima; igama leyesibili lalinguKeziya; igama leyesithathu nguKerenihaphuki. Ezweni lonke akufunyanwanga owesifazane emuhle njengamadodakazi kaJobe; uyise wawanika ifa phakathi kwabafowabo. Ngemva kwalokho uJobe waphila iminyaka eyikhulu namashumi amane, futhi wabona amadodana akhe namadodana akhe, izizukulwane ezine.
UJobe 42:10-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade wakuphendula ukuhlupheka kukaJobe ngesikhathi ekhulekela abangani bakhe. Konke uJobe ayenakho uNkulunkulu wakwenezela ngokuphindwe kabili. Kwase kufika kuye bonke abafowabo, nabo bonke odadewabo, nabo bonke ayazana nabo phambilini, badla isinkwa naye endlini yakhe; bamkhalela, bamduduza ngakho konke okubi uSimakade ayemehlisele khona. Bamnika yilowo nalowo uhlamvu lwemali necici legolide. USimakade wayibusisa kanjalo-ke ingxenye yokugcina yezinsuku zikaJobe, ukwedlula isikhathi sakhe sokuqala: waba nezimvu eziyizi-14 000, amakameli ayizi-6 000, izinkabi ezingamabhangqa eziyinkulungwane nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane. Waba namadodana ayisikhombisa namadodakazi amathathu. Wayiqamba indodakazi yokuqala wathi nguJemima, eyesibili wathi nguKheziya, eyesithathu wayibiza ngokuthi nguKhereni Haphukhi. Akufunyanwanga ezweni lonke abesifazane ababebahle njengamadodakazi kaJobe. Uyise wawabela ifa phakathi kwabafowabo. Emveni kwalokho uJobe waphila iminyaka eyi-140, wabona amadodana akhe namadodana amadodana akhe, kwaze kwaba yizizukulwane ezine.
UJobe 42:10-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova wambuyisa uJobe ekuhluphekeni, lapho ekhulekela abangane bakhe; wenezela kukho konke uJobe ayenakho ngokukuphinda kabili. Kwase kufika kuye bonke abafowabo, nabo bonke odadewabo, nabo bonke ababazana naye ngaphambili, badla endlini yakhe; bamkhalela, bamduduza ngakho konke okubi uJehova amehlisele khona, yilowo nalowo wamnika uhlamvu lwemali necici legolide. Kanjalo uJehova wabusisa ukugcina kukaJobe kunokuqala kwakhe; waba nezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi nane, namakamela ayizinkulungwane eziyisithupha, namabhangqa ayinkulungwane ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane. Wayenamadodana ayisikhombisa namadodakazi amathathu. Wabiza igama leyokuqala ngokuthi uJemima, negama leyesibili ngokuthi uKesiya, negama leyesithathu ngokuthi uKereni Haphuki. Ezweni lonke akufunyanwanga abesifazane abahle njengamadodakazi kaJobe; uyise wabanika ifa phakathi kwabanewabo. Emva kwalokho uJobe wayesekhona iminyaka eyikhulu namashumi amane, wabona amadodana akhe namadodana amadodana akhe kwaze kwaba yizizukulwane ezine.