UJobe 42:10-16

UJobe 42:10-16 ZUL20

USimakade wakuphendula ukuhlupheka kukaJobe ngesikhathi ekhulekela abangani bakhe. Konke uJobe ayenakho uNkulunkulu wakwenezela ngokuphindwe kabili. Kwase kufika kuye bonke abafowabo, nabo bonke odadewabo, nabo bonke ayazana nabo phambilini, badla isinkwa naye endlini yakhe; bamkhalela, bamduduza ngakho konke okubi uSimakade ayemehlisele khona. Bamnika yilowo nalowo uhlamvu lwemali necici legolide. USimakade wayibusisa kanjalo-ke ingxenye yokugcina yezinsuku zikaJobe, ukwedlula isikhathi sakhe sokuqala: waba nezimvu eziyizi-14 000, amakameli ayizi-6 000, izinkabi ezingamabhangqa eziyinkulungwane nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane. Waba namadodana ayisikhombisa namadodakazi amathathu. Wayiqamba indodakazi yokuqala wathi nguJemima, eyesibili wathi nguKheziya, eyesithathu wayibiza ngokuthi nguKhereni Haphukhi. Akufunyanwanga ezweni lonke abesifazane ababebahle njengamadodakazi kaJobe. Uyise wawabela ifa phakathi kwabafowabo. Emveni kwalokho uJobe waphila iminyaka eyi-140, wabona amadodana akhe namadodana amadodana akhe, kwaze kwaba yizizukulwane ezine.

Funda UJobe 42