UJobe 36:5-11
UJobe 36:5-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Bheka, uNkulunkulu unamandla, kepha kadeleli muntu; mkhulu emandleni okuqonda. Akenzi ukuba omubi aphile, kepha abampofu uyabanika ukwahlulelwa. Akabuyisi amehlo akhe kwabalungileyo, kepha ubahlalisa namakhosi ezihlalweni zobukhosi, baphakame kuze kube phakade. Uma beboshwa ngamaketanga, babanjwe ngezintambo zokuhlupheka, uyababonisa izenzo zabo neziphambeko zabo zokuthi baziphakamisile. Uyavulela izindlebe zabo ukulaywa, asho ukuba babuye ebubini. Uma belalela, bamkhonze, bayakuqeda imihla yabo ebuhleni neminyaka yabo kukho okumnandi.
UJobe 36:5-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Bheka, uNkulunkulu unamandla, kodwa akukho muntu ambukela phansi, mkhulu emandleni okuqonda. Akazigcini izigilamkhuba ziphila, kepha abahluphekayo ubenzela ubulungiswa. Amehlo akhe akawasusi kwabalungileyo, kodwa ubahlalisa namakhosi ezihlalweni zobukhosi, baphakame, kuze kube phakade. Uma beboshwa ngamaketango, babanjwe yizintambo zokuhlupheka, lapho uyababonisa izenzo zabo neziphambeko zabo ukuthi baziphakamisile. Uyazivula izindlebe zabo ukuze zizwe ukuyalwa, abayale ukuba baphenduke eziphambekweni zabo. Uma belalela, bamkhonze, imihla yabo iyophetha ngempumelelo neminyaka yabo, bethokozile.
UJobe 36:5-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Bheka, uNkulunkulu unamandla, akadeleli muntu; Unamandla amakhulu nokuhlakanipha. Akagcini ukuphila kwababi, kepha unika abampofu ubulungisa. Akawasusi amehlo akhe kwabalungileyo, kepha uhlezi kanye namakhosi esihlalweni sobukhosi; yebo, uyazimisa kuze kube phakade, futhi ziphakeme. Futhi uma beboshwe ngamaketanga, beboshwe ngezintambo zosizi; Ngemva kwalokho Ubabonisa umsebenzi wabo neziphambeko zabo ukuthi baphambukile. Futhi uvula izindlebe zabo ekulayweni futhi uyabalaya ukuthi baphenduke ebubini. Uma belalela futhi bemkhonza, bayochitha izinsuku zabo ebuhleni neminyaka yabo ebumnandini.