UJobe 1:20-21
UJobe 1:20-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJobe wayesesukuma, waklebhula isembatho sakhe, waphuca ikhanda lakhe, wawela emhlabathini, wakhuleka, wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame, futhi ngizobuyela khona ngize. USimakade usisile, uSimakade usethathile; malibongwe igama likaSimakade.”
Dlulisela
Funda UJobe 1UJobe 1:20-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wayesesukuma uJobe, waklebhula ingubo yakhe, waphucula ikhanda lakhe, wawela emhlabathini, wakhuleka, wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame; ngiyakubuyela khona ngize; uJehova wapha, uJehova uthathile; malibongwe igama likaJehova.”
Dlulisela
Funda UJobe 1UJobe 1:20-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Khona-ke uJobe wasukuma waklebhula ingubo yakhe waphuca ikhanda lakhe wawela emhlabathini wakhuleka. Wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame, futhi ngiyakubuyela khona ngize; uJehova wapha, uJehova wathatha; Malibongwe iGama leNKOSI.
Dlulisela
Funda UJobe 1