NgokukaJohane 8:31-36
NgokukaJohane 8:31-36 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.” Bamphendula bathi: “Siyinzalo ka-Abrahama thina, asibonange sibe yizigqila zamuntu; wena usho kanjani ukuthi: ‘Nizakuba ngabakhululekileyo’ na?” UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono. Isigqila kambe asihlali phakade endlini; kepha indodana ihlala phakade. Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela.
NgokukaJohane 8:31-36 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Khona uJesu wathi kumaJuda akholwe kuye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; Niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula. Bamphendula bathi: “Siyinzalo ka-Abrahama, asizange sibe yizigqila zamuntu; usho kanjani ukuthi: Niyakukhululwa na? UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono. Inceku ayihlali phakade endlini, kepha indodana ihlala phakade. Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela.
NgokukaJohane 8:31-36 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngakho-ke uJesu wakhuluma kubaJuda abase bekholwa kuye, wathi: “Uma nimi esifundisweni sami, ningabafundi bami uqobo, niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.” Bamphendula, bathi: “Thina singabolibo luka-Abhrahama, asikaze sibe yizigqila zamuntu. Usho kanjani ukuthi: ‘Nizakuba ngabakhululekileyo’ na?” UJesu wabaphendula, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: yilowo nalowo owenza isono, uyisigqila sesono. Isigqila asihlali nomndeni unomphela, kodwa indodana ehlala phakade. Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela.
NgokukaJohane 8:31-36 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)