NgokukaJohane 7:36-39
NgokukaJohane 7:36-39 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Yizwi lini leli alishoyo lokuthi: Niyakungifuna, ningangifumani, nalapho ngikhona, ningeze nina na? Kwathi ngosuku lokugcina olukhulu lomkhosi uJesu wema wamemeza wathi: “Uma ekhona owomileyo, akeze kimi, aphuze. Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, kugobhoza esiswini sakhe imifula yamanzi aphilayo. (Kepha lokhu wakusho ngoMoya ababezakwamukeliswa abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, ngokuba uJesu wayengakakhazinyuliswa.)
NgokukaJohane 7:36-39 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Uchaza ukuthini uma ethi: ‘Niyakungifuna, ningangifumani, futhi nalapho ngikhona, anikwazi ukuza khona’ na?” Kepha ngosuku lomkhosi lokugcina, uJesu wasukuma wamemeza, wathi: “Uma kukhona owomileyo, makeze kimi, aphuze. Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, esiswini sakhe kuyakugobhoza imifula yamanzi aphilayo.” Wayekusho lokho ngoMoya abazakumamukela labo abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, ngenxa yokuba uJesu wayengakakhazimuliswa.
NgokukaJohane 7:36-39 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Lizwi lini leli alishoyo lokuthi: ‘Niyakungifuna, ningangifumani,’ nokuthi: ‘Lapho ngikhona, ningeze nina,’ na?” Kepha ngosuku lokugcina olukhulu lomkhosi uJesu wema wamemeza wathi: “Uma ekhona owomileyo, akeze kimi, aphuze. Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, esiswini sakhe kuyakugobhoza imifula yamanzi aphilayo.” Washo lokho ngoMoya abazakumamukela abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, lokhu uJesu wayengakakhazimuliswa.
NgokukaJohane 7:36-39 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)